Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 66

UJezebel​—Indlovukazi Embi

UJezebel​—Indlovukazi Embi

NGEMVA kokufa kweNkosi uJerobowamu, ngayinye inkosi ebusa umbuso wasenyakatho wezizwe eziyi-10 zakwa-Israyeli yimbi. INkosi u-Ahabi yimbi kunawo wonke. Uyazi ukuthi kungani? Isizathu esiyinhloko siwumkayo, iNdlovukazi embi uJezebeli.

UJezebeli akayena owakwa-Israyeli. Uyindodakazi yenkosi yaseSidoni. Ukhulekela unkulunkulu wamanga uBhali, futhi wenza ukuba u-Ahabi namaningi ama-Israyeli akhonze uBhali. UJezebeli uyamzonda uJehova futhi ubulala abaningi babaprofethi bakhe. Abanye kufanele bacashe emihumeni ukuze bangabulawa. Uma uJezebeli efuna okuthile, angambulala nokumbulala lowo muntu ukuze akuthole.

Ngelinye ilanga iNkosi u-Ahabi idabukile. Ngakho uJezebeli uyayibuza: ‘Kungani udabukile namuhla?’

U-Ahabi uyaphendula: ‘Ngenxa yokukhulunywe uNabhoti kimi. Bengifuna ukuthenga insimu yakhe. Kodwa ungitshele ukuthi anginakuyithola.’

UJezebeli athi: ‘Ungakhathazeki, ngizokwenza ukuba uyithole.’

Ngakho uJezebeli ubhala izincwadi ziya ezikhulwini zomuzi okuhlala kuwo uNabhoti. UJezebeli uyazitshela: ‘Tholani abantu ababi ukuba bathi uNabhoti wethuke uNkulunkulu nenkosi. Bese nikhiphela uNabhoti ngaphandle komuzi akhandwe ngamatshe aze afe.’

Ngokushesha uma uJezebeli ezwa ukuthi uNabhoti ufile, uthi ku-Ahabi: ‘Manje yehla uyokudla isivini sakhe.’ Awuvumi ukuthi uJezebeli kufanele ajeziswe ngokwenza le nto embi?

Ngakho, ngemva kwesikhathi uJehova uthuma uJehu ukuba ayomjezisa. Uma uJezebeli ezwa ukuthi uJehu uyeza, upenda amashiya azame ukuzilungisa ukuze abe muhle. Kodwa uma uJehu efika ebona uJezebeli ewindini, umemeza amadoda asemzini wenkosi: ‘Mphonseni phansi!’ Amadoda ayalalela, njengoba ungase ubone esithombeni. Amphonsa phansi, afe. Lesi isiphelo seNdlovukazi embi uJezebeli.