Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 46

Izindonga ZaseJeriko

Izindonga ZaseJeriko

YINI ediliza lezi zindonga zaseJeriko? Kubonakala sengathi zishaywe yibhomu enkulu. Kodwa kulezo zinsuku babengenawo amabhomu; babengenazo ngisho nezibhamu. Esinye isimangaliso sikaJehova! Ake sizwe ukuthi kwenzeka kanjani.

Lalela ukuthi uJehova uthini kuJoshuwa: ‘Wena namadoda empi kufanele nizungeze umuzi. Mashani niwuzungeze kanye ngosuku izinsuku eziyi-6. Thwalani umphongolo wesivumelwano kanye nani. Abapristi abayisikhombisa bahambe phambi kwawo bashaye amacilongo.’

‘Ngosuku lwesikhombisa niyowuzungeza kasikhombisa umuzi. Bese nikhalisa kakhulu amacilongo, wonke umuntu amemeze ngokukhamuluka okukhulu kwempi. Izindonga ziyodilika!’

UJoshuwa nabantu benza okushiwo uJehova. Lapho behamba bezungeza, bonke bathulile. Akekho nothi vu. Kuzwakala nje umsindo wamacilongo nokuhamba kwezinyawo. Izitha zabantu bakaJehova eJeriko kufanele ukuba zazithuthumela. Uyayibona leya ntambo ebomvu elenga ewindini? Elikabani leliya windi? Yebo, uRahabi wenze lokho izinhloli ezimbili ezamtshela ukuba akwenze. Wonke umkhaya wakhe ungaphakathi uyabuka.

Ekugcineni, ngosuku lwesikhombisa, ngemva kokujikeleza umuzi kasikhombisa, kuba nomsindo wamacilongo, amadoda empi amemeze, izindonga ziwe. UJoshuwa abesethi: ‘Bulalani wonke umuntu emzini niwushise. Shisani konke. Sindisani isiliva, igolide, ithusi nensimbi kuphela, nikunikele etendeni likaJehova.’

Ezinhlolini ezimbili, uJoshuwa uthi: ‘Ngenani endlini kaRahabi, nimkhiphe nawo wonke umkhaya wakubo.’ URahabi nomkhaya wakhe bayasindiswa, njengoba nje izinhloli zazimthembisile.