ISikhumbuzo Sokufa KukaJesu

NgoLwesine, Ephreli 2, 2026

Kanye ngonyaka, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kukaJesu njengoba abayala wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.

Siyakumema wena nomndeni wakho ukuba nibe khona kulesi senzakalo.

Imibuzo Evame Ukubuzwa

Obani abamenywayo?

Wonke umuntu wamukelekile. Ungeza nomndeni wakho.

Izothatha isikhathi esingakanani le mihlangano?

Inkulumo yeBhayibheli ekhethekile izothatha uhhafu wehora.

Izoba kuphi le mihlangano?

Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova basendaweni yangakini.

Ingabe kungenwa ngemali noma uphoqelekile ukuba khona?

Cha.

lzothathwa yini inkongozelo?

Cha. Asiyithathi nhlobo inkongozelo emihlanganweni yethu.—Mathewu 10:8.

Ingabe kunendlela ekhethekile okugqokwa ngayo?

Cha. Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova bazama ukugqoka ngendlela ebonisa isizotha nenhlonipho.

Yini ezokwenziwa eSikhumbuzweni?

Lo mhlangano uqalwa futhi uphethwe ngokucula ingoma bese isikhonzi esinguFakazi KaJehova siyathandaza. Kuzoba nenkulumo ezoxoxa ngokuthi kubaluleke ngani ukufa kukaJesu nokuthi singazuza kanjani kulokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona.

Sizoba nini iSikhumbuzo seminyaka elandelayo?

2026: NgoLwesine, Ephreli 2

2027: NgoMsombuluko, Mashi 22