IsiZulu
OFakazi Basiza Abantu Abasinde Ekukhukhulekeni Kodaka EHiroshima
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/702014136/univ/art/702014136_univ_sqr_xl.jpg

NOVEMBER 26, 2014
EJAPANE

OFakazi Basiza Abantu Abasinde Ekukhukhulekeni Kodaka EHiroshima

OFakazi Basiza Abantu Abasinde Ekukhukhulekeni Kodaka EHiroshima

E-EBINA, eJapane—Izimvula ezinamandla eHiroshima zabangela ukuba kube nesibhicongo sokukhukhuleka kodaka okwabulala abantu abangaba ngu-74 futhi zashiya abangaphezu kuka-1 600 bengenamakhaya ekuseni ngo-August 20, 2014. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJapane libika ukuthi abekho oFakazi abafa noma abalimala kule nhlekelele, nakuba izindlu zabangu-8 zabhidlika.

Ngaphakathi endlini ebhidlikile eHiroshima.

Kwana imvula elinganiselwa kumamililitha angu-218 ngamahora nje amathathu, okwadala umonakalo omkhulu futhi kwenza ukuba uhulumeni enze imizamo kazwelonke yokuletha usizo. Ngokushesha, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseJapane lamisa ikomiti elisiza lapho kuvele khona izinhlekelele futhi lahlela ukuba izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi zisize ekukhucululeni. Lezi zisebenzi zama ulayini zinikezelana ngodaka olwalugcwele emakhaya abantu. Zaphinde zaqoqa izinto ezazisengasebenziseka zazigcina zabe sezihlanza ngezibulala magciwane.

OFakazi basusa udaka esakhiweni.

Iphephandaba lezwe i-Yomiuri Shimbun, labhala ngomzamo owenziwa omunye uFakazi kaJehova owasinda kule nhlekelele. Leli phephandaba labika ukuthi uKayoko Nakamizo, ohlala esifundeni saseYagi esingaphansi kukamasipala wase-Asaminami, waphuma ngesamagundane emzini wakhe wabe “esengqongqoza emzini ngomuzi ebheka ukuthi banjani omakhelwane bakhe.” Ngenxa yalokho, uKayoko wakwazi ukusiza umakhelwane nabanye ukuba babaleke endaweni eyingozi.

U-Ichiki Matsunaga, okhulumela oFakazi BakaJehova eJapane, uthi: “Sizwelana kakhulu nalabo abathintekile kulokhu kudilika kodaka. Naphezu kwalesi simo esibucayi, sizama ukuba nombono omuhle njengoba senza konke esingakwenza ukuze sisize omakhelwane bethu futhi sibaduduze.”

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni jikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

EJapane: U-Ichiki Matsunaga, ucingo: +81 46 233 0005