Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu—Kristu Indlela Isigijimi Sakhe Esabathinta Ngayo Abantu

UJesu—Kristu Indlela Isigijimi Sakhe Esabathinta Ngayo Abantu

UJesu—Kristu Indlela Isigijimi Sakhe Esabathinta Ngayo Abantu

“Ngokuqinisekile, ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi kwake kwaba nomuntu ohlakaniphe kakhulu eKapernawume ukuthi namanje usaqhubeka ethinta izinhliziyo nezingqondo zabantu ngendlela yakhe emnene yokufundisa.” *UMLOBI UGREGG EASTERBROOK.

AMAZWI anamandla; uma ekhethwe kahle futhi esetshenziswa ngokuhlakanipha angathinta izinhliziyo, anike ithemba futhi ashintshe ukuphila. Akekho umuntu owake waba namazwi anamandla ukudlula uJesu Kristu. Umuntu othile owayelalele uJesu ngesikhathi enikeza iNtshumayelo YaseNtabeni edumile kamuva wabhala: “Lapho uJesu eqeda la mazwi, izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.”—Mathewu 7:28.

Ngisho nanamuhla, abantu emhlabeni wonke bayazazi izinto eziningi ezashiwo uJesu. Cabangela izibonelo ezimbalwa zamazwi awasho anencazelo ejulile.

“Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.”—Mathewu 6:24.

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

“Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Mathewu 22:21.

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Nokho, uJesu akagcinanga ngokukhuluma amazwi angenakulibaleka. Isigijimi asishumayela sasinamandla amakhulu ngoba sasidlulisela amaqiniso ngoNkulunkulu, sifundisa abantu indlela yokuthola injongo yangempela ekuphileni, futhi sibonisa ngokucacile ukuthi liyini ikhambi lokuhlupheka kwabantu—uMbuso kaNkulunkulu. Njengoba sizofunda ngalesi sigijimi emakhasini alandelayo, sizobona ukuthi kungani uJesu esaqhubeka “ethinta izinhliziyo nezingqondo zabantu [abaningi] ngendlela yakhe emnene yokufundisa.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Umuzi waseKapernawume esifundeni saseGalile wawubhekwa njengendawo yakubo kaJesu.—Marku 2:1.