INQABAYOKULINDA—EFUNDWAYO Novemba 2014
Lo magazini uqukethe izihloko ezifundwayo ezizofundwa kusukela ngo-December 29, 2014 kuya ku-February 1, 2015.
Uvuko LukaJesu —Lokho Olukushoyo Kithi
Izizathu ezine zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu wavuswa. Ukukholelwa ukuthi uyaphila kufanele kusithinte kanjani?
Isizathu Sokuba Sibe Ngcwele
Ingabe wake wakhungatheka noma wacikeka lapho ufunda incwadi yeBhayibheli kaLevitikusi? Amagugu angokomoya asencwadini kaLevitikusi angakusiza ukuba ube ngcwele ekukhulekeleni kwakho.
Kumelwe Sibe Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwethu
Yikuphi ukufana okukhona phakathi kokugwema ukuyekethisa, ukunika uJehova okungcono kakhulu kwethu nokudla ukudla okungokomoya okuqinile?
“Abantu AbaNkulunkulu Wabo NguJehova”
Ingabe uNkulunkulu wamukela bonke abamkhulekela ngobuqotho, kungakhathaliseki ukuthi bakuyiphi inkolo?
“Manje Seniyisizwe SikaNkulunkulu”
Singaba kanjani “isizwe sikaNkulunkulu” futhi singaqhubeka kanjani siyiso?
Imibuzo Evela Kubafundi
Abadala nezinceku ezikhonzayo bamiswa kanjani ebandleni ngalinye? Bangobani ofakazi ababili besAmbulo isahluko 11?
EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU
Ukuntwela Kokusa EJapane
Izinqola ezakhiwe ngokukhethekile ezazibizwa ngokuthi “oJehu” zasiza ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela ngoMbuso eJapane.

