Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ubani owayevuna ulibo lwebhali olwalulethwa endlini engcwele ngoba ukuvuna kwakuqala ngokomthetho lapho bonke abesilisa abangama-Israyeli beseMkhosini Wamaqebelengwane Angenamvubelo?

UMthetho KaMose wayala ama-Israyeli: “Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha: ngomkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo nangomkhosi wamasonto nangomkhosi wamadokodo.” (Duteronomi 16:16) Kusukela esikhathini seNkosi uSolomoni kuqhubeke, uNkulunkulu wakhetha ukuba kuhlanganwe ethempelini eJerusalema.

Umkhosi wokuqala kule mikhosi emithathu wawuba ngasekuqaleni kwentwasahlobo. UMkhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo wawuqala ngosuku lwangemva komkhosi wePhasika owawuba ngoNisani 14 futhi uqhubeke izinsuku ezingu-7 kuze kube uNisani 21. Ngokwekhalenda elingcwele, usuku lwesibili lwalo mkhosi, uNisani 16, lwalusho ukuthi kufanele kuvunwe isivuno sokuqala sonyaka. Ngalolo suku, umpristi omkhulu kwakufanele athathe “isithungu solibo” lwesivuno sebhali asizulise “phambi kukaJehova” endlini engcwele. (Levitikusi 23:5-12) Njengoba bonke abesilisa babelindeleke ukuba babe seMkhosini Wamaqebelengwane Angenamvubelo, ubani owayevuna lo mnikelo webhali?

Umyalo wokuba kunikelwe ngolibo lwesivuno kuJehova phakathi noMkhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo wanikezwa sonke isizwe. Kwakungalindelekile ukuba umuntu ngamunye aqale ukuvuna abese eluletha mathupha ulibo endlini engcwele. Kunalokho, isizwe sayalwa ukuba kube nabathile abasimelelayo ababeyokwenza lokho. Ngakho, ibhali elalisetshenziswa eMkhosini Wamaqebelengwane Angenamvubelo lalingase livunwe ithimba elithile elalithunyelwa ensimini yebhali eseduze. Ikhuluma ngalokhu i-Encyclopaedia Judaica ithi: “Uma ibhali selivuthiwe lalithathwa eJerusalema; ngaphandle kwalokho, lalingase lithathwe noma kuphi kwa-Israyeli. Lalivunwa amadoda amathathu, ngayinye ibe nesikela nobhasikidi wayo.” Isithungu sebhali sasibe sesiyiswa kumpristi omkhulu, owayebe esesinikela kuJehova.

Imfuneko yokuba kunikelwe ngolibo lwesivuno yanikeza ama-Israyeli ithuba elihle kakhulu lokubonisa ukwazisa kwawo ngokubusisa kukaNkulunkulu izwe nesivuno sawo. (Duteronomi 8:6-10) Nokho, okwakubaluleke ngaphezu kwalokho ukuthi iminikelo eyayenziwa ngale mikhosi ‘yayiyisithunzi sezinto ezinhle ezaziza.’ (Hebheru 10:1) Kuyaphawuleka ukuthi uJesu Kristu wavuswa ngoNisani 16, 33 C.E., usuku lokunikelwa kolibo lwesivuno kuJehova. Nakhu umphostoli uPawulu akusho ngokuqondene noJesu: “UKristu uvusiwe kwabafileyo, ulibo lwalabo asebalala. . . . Kodwa yilowo nalowo esigabeni sakhe siqu: UKristu ulibo, kamuva kube yilabo abangabakaKristu phakathi nokuba khona kwakhe.” (1 Korinte 15:20-23) Isithungu solibo esasizuliswa umpristi omkhulu phambi kukaJehova sasiwumfuziselo kaJesu Kristu ovusiwe—owaba ngowokuqala ngqá ukuvuselwa ekuphileni okuphakade. Ngakho, uJesu wavula indlela yokukhululwa kwesintu esonweni nasekufeni.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

© 2003 BiblePlaces.com