Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe isiqondiso sikaNkulunkulu esikuJeremiya 7:16 sisho ukuthi umKristu ngeke amthandazele umuntu oxoshiwe ebandleni lobuKristu ngoba eyisoni esingaphenduki?

Ngemva kokukhipha isahlulelo sakhe kuJuda ongathembekile, uJehova wathi kuJeremiya: “Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.”—Jeremiya 7:16.

Kungani uJehova amenqabela uJeremiya ukuba athandazele ama-Israyeli? Ngokusobala, kwakungenxa yokuwephula kwawo ingcaca uMthetho wakhe. ‘Ayeba, ebulala, ephinga, efunga amanga, eshisela uBali impepho, elandela abanye onkulunkulu,’ ekwenza obala futhi engenamahloni. Ngenxa yalokho, uJehova watshela amaJuda angenalukholo: “Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.” Ngokuqinisekile, kwakungeke kufaneleke ngoJeremiya, nanganoma ubani, ukuthandazela ukuba uJehova ahoxise isahlulelo saKhe.—Jeremiya 7:9, 15.

Ngokuvumelana nalokhu, umphostoli uJohane wabhala mayelana nomthandazo ofanelekayo kuNkulunkulu. Waqale waqinisekisa amaKristu: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Mayelana nokuthandazela abanye, uJohane wabe eseqhubeka: “Uma noma ubani ebona umfowabo ona ngesono esingalethi ukufa, uzocela, futhi uyomnika ukuphila, yebo, uyonika labo abangoni ngendlela yokuba bazilethele ukufa. Kukhona isono esikulethayo ukufa. Kungokuphathelene nalesosono engingamtsheli ukuba enze isicelo ngaso.”—1 Johane 5:16.

Ingabe lokhu kusho ukuthi bonke abaxoshwayo ebandleni lobuKristu ngenxa yokona bengaphenduki baye benza izono ‘eziletha ukufa,’ ngakho akufanele bathandazelwe? Akunjalo kuzo zonke izimo ngoba kwezinye izimo lezo ziphambeko kusuke kungezona izono ‘ezibangela ukufa.’ Empeleni, kunzima ukwazi ukuthi ziyizo yini. Isibonelo esikucacisayo lokhu esenkosi yakwaJuda uManase. Yakhela onkulunkulu bamanga ama-altare, yanikela ngamadodana ayo njengomhlatshelo, yasebenzelana nemimoya, yabeka nezithombe ezibaziwe ethempelini likaJehova. Empeleni, iBhayibheli lithi uManase nabantu “benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.” Ngenxa yakho konke lokhu, uJehova wamjezisa uManase ngokumthumela eBabiloni eyisithunjwa esiboshwe ngamaketanga.—2 AmaKhosi 21:1-9; 2 IziKronike 33:1-11.

Njengoba izono zikaManase zazizimbi kangaka, ingabe zazingezohlobo oluletha ukufa? Kubonakala kungenjalo, ngoba ukulandisa kuqhubeka kuthi ngaye: “Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise. Wakhuleka kuye; [uNkulunkulu] wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.”—2 IziKronike 33:12, 13.

Ngakho, akufanele sisheshe siphethe ngokuthi umuntu othile kumelwe ukuba wenze isono esiletha ukufa ngoba nje exoshiwe ebandleni. Kungase kuthathe isikhathi ukuba sivele isimo sangempela senhliziyo yalowo muntu. Empeleni, kuye kuthiwe enye yezinjongo zokususa umuntu ekuhlanganyeleni iwukwenza leso soni sisanguluke, mhlawumbe siphenduke futhi siguquke.

Njengoba lowo muntu engasekho ebandleni, noma yiluphi ushintsho enhliziyweni nasesimweni sakhe sengqondo lungase lubonwe kuqala yilabo abasondelene naye, njengomuntu oshade naye noma amalungu omkhaya. Labo ababona izinguquko ezinjalo bangaphetha ngokuthi lowo owonile akenzanga isono esiletha ukufa. Bangase bashukumiseleke ukuthandazela ukuba athole amandla eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe nokuba uJehova aphathe leso soni ngokuvumelana nentando yaKhe.—IHubo 44:21; UmShumayeli 12:14.

Nakuba kungenzeka ukuba abanye babe sesimweni sokubona ubufakazi obanele obenza bakholelwe ukuthi isoni siphendukile, kungase kungabi njalo ngebandla lilonke. Lingaxakeka, likhathazeke noma ngisho likhubeke nokukhubeka uma lingezwa othile ethandazela owonile obala. Ngenxa yalokhu, labo abazizwa beshukumiseleka ukuba bathandazele isoni kufanele bakwenze ngasese lokho, bashiyele ezandleni zabadala abanomthwalo wemfanelo ebandleni noma iyiphi enye intuthuko engase ibe khona.

[Isithombe ekhasini 31]

Izono ezimbi zikaManase zathethelelwa lapho ezithoba phambi kukaJehova

[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]

Reproduced from Illustrierte Pracht-Bibel/Heilige Schrift des Alten und Neuen Testaments, nach der deutschen Uebersetzung D. Martin Luther’s