Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uvuko LukaJesu Lubangela Impikiswano

Uvuko LukaJesu Lubangela Impikiswano

Uvuko LukaJesu Lubangela Impikiswano

“Ngikutshela ngokungagwegwesi ukuthi yize singaqiniseka ngokugcwele ukuthi uJesu waphila . . . , asinakusho ngokuqiniseka okufanayo ukuthi siyazi ukuthi wavuswa nguNkulunkulu kwabafileyo.” Sasho kanjalo isikhulu esiphakeme seSonto LaseSheshi, uMbhishobhi Omkhulu WaseCanterbury.

UMPHOSTOLI UPAWULU ongumKristu wayengenakho lokho kungabaza. Esahlukweni 15 sencwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe eya kumaKristu ayekanye nawo aseKorinte lasendulo, uPawulu wabhala: “Ngadlulisela kini, phakathi kwezinto zokuqala, lokho nami engakwamukela, ukuthi ngokwemiBhalo uKristu wafela izono zethu; nokuthi wangcwatshwa, yebo, ukuthi ngokwemiBhalo uvusiwe ngosuku lwesithathu.”—1 Korinte 15:3, 4.

Ukholo ovukweni lukaJesu Kristu yilona olwashukumisela abafundi bakhe ukuba bashumayele ivangeli kulo lonke izwe lamaGreki namaRoma—“kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.” (Kolose 1:23) Eqinisweni, uvuko lukaJesu luyisona sisekelo sokholo lobuKristu.

Nokho, ukuvuka kukaJesu kwangatshazwa kusukela ekuqaleni nje. KumaJuda amaningi, abafundi bakaJesu babehlambalaza lapho bethi le ndoda ebethelwe inguMesiya. Futhi kumaGreki amaningi afundile, ayekholelwa ekungafini komphefumulo, umqondo nje wovuko wawungathandeki.—IzEnzo 17:32-34.

Abantu Abangabazayo Banamuhla

Eminyakeni yamuva, ezinye izazi ezithi zingamaKristu ziye zashicilela izincwadi nezihloko ezichitha uvuko lukaJesu zithi luyinganekwane futhi ziye zasusa impikiswano enkulu ngale ndaba. Ekufuneni kwazo “uJesu ongokomlando,” izazi ezihlukahlukene zithi ukulandisa kwamaVangeli mayelana nethuna elingenasidumbu nokubonakala kukaJesu ngemva kokuvuka kumane kuyizinganekwane, kwaqanjwa sekukudala afa ukuze kusekelwe izinkulumo zokuthi unamandla avela ezulwini.

Ngokwesibonelo, cabanga ngemibono yesazi esingumJalimane uGerd Lüdemann, uprofesa weThestamente Elisha nomlobi wencwadi ethi What Really Happened to Jesus—A Historical Approach to the Resurrection. Uthi uvuko lukaJesu “luyisimiso esingenasisekelo” okumelwe senqatshwe yinoma ubani obheka “izwe ngombono ongokwesayensi.”

UProfesa Lüdemann umi kwelokuthi uJesu ovusiwe owabonakala kumphostoli uPetru wayewumbono owabangelwa ukudabuka nomuzwa wecala okhungathekisayo kuPetru ngenxa yokuphika uJesu. Futhi ngokukaLüdemann, ukubonakala kukaJesu emakholweni angaphezu kuka-500 ngesinye isikhathi kwakuyindaba “yokuvukwa usinga koquqaba.” (1 Korinte 15:5, 6) Ngamafuphi, izazi eziningi zithi ukulandisa kweBhayibheli mayelana noJesu ovusiwe kumane kuyizenzekalo zasezingqondweni zalabo ababehilelekile ezabangela kubafundi umuzwa ovuselelwe wokuzethemba ngokomoya nokushisekela ukushumayela.

Yiqiniso, abaningi abanasithakazelo ezimpikiswaneni zezazi. Nokho, ingxoxo ephathelene nokuvuka kukaJesu kufanele isithinte sonke. Ngani? Ngoba uma engavuswanga, ubuKristu busekelwe esisekelweni esingamanga. Ngakolunye uhlangothi, uma uvuko lukaJesu luyiqiniso elingokomlando ngempela, ubuKristu busekelwe eqinisweni. Uma kunjalo, lokho uKristu akusho kanye nezithembiso zakhe kufakazelwa njengokuyiqiniso. Ngaphezu kwalokho, uma uvuko lukhona, ukufa akuyena umnqobi omkhulu kodwa kuyisitha esinganqotshwa.—1 Korinte 15:55.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

From the Self-Pronouncing Edition of the Holy Bible, containing the King James and the Revised versions