Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO KWABASOSIZINI LOKUSHONELWA

Ubuhlungu Bokushonelwa

Ubuhlungu Bokushonelwa

“Mina noSophia * sase sishade iminyaka engaphezu kwengu-39 lapho enqotshwa ukugula okwase kumphathe isikhathi eside. Abangane bangisekela kakhulu, nami ngazigcina ngimatasa. Noma kunjalo, kwaphela unyaka ngizwa sengathi kunengxenye yami esusiwe. Imizwa yami yayivame ukushintshashintsha. Namanje, nakuba sekuphele iminyaka engaba mithathu ashona, ngisafikelwa imizwa ezumayo yobuhlungu.”—UKostas.

Ingabe uke washonelwa umuntu omthandayo? Uma kunjalo, kungenzeka uyawaqonda amazwi kaKostas. Zimbalwa izinto ezibuhlungu ukwedlula ukushonelwa umuntu oshade naye, isihlobo noma umngane omthandayo. Ngisho nochwepheshe abacwaninga ngobuhlungu bokushonelwa bayavumelana nalokho. Isihloko esavela encwadini ethi The American Journal of Psychiatry sithi “akukho okunye ukulahlekelwa okubuhlungu ukwedlula ukushonelwa.” Ubuhlungu obungabekezeleleki bokushonelwa bungenza umuntu oshonelwe azibuze: ‘Kuyoze kube nini ngizizwa ngale ndlela? Ngiyoke ngiphinde ngijabule nje kodwa? Yini engangisiza ngibe ngcono?’

Le Phaphama! inazo izimpendulo zale mibuzo. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinto ongase ulindele ukubhekana nazo uma usanda kushonelwa. Ezinye izihloko ezizolandela zizoxoxa ngezinto ezihlukahlukene ezingakusiza unciphise ubuhlungu bokushonelwa.

Sethemba ukuthi izihloko ezilandelayo zizokwazi ukududuza nokusiza labo ababhekene nobuhlungu bokushonelwa.

^ isig. 3 Amanye amagama akulesi sihloko nezilandelayo ashintshiwe.