Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?

Uma ezobuchwepheshe zisetshenziswa kahle, zingasiza indoda nomkayo ukuba basondelane. Ngokwesibonelo, bangasebenzisa ezobuchwepheshe ukuze baxhumane phakathi nosuku.

Kodwa abanye abantu abashadile bazisebenzisa kabi ezobuchwepheshe. Lokhu kungababangela lezi zinkinga ezilandelayo:

  • Kungabaphuca isikhathi sokuba ndawonye.

  • Bangenza izinto zasemsebenzini ekhaya ngokungenasidingo.

  • Bangaqala ukungathembani ngisho nokungathembeki.

OKUFANELE UKWAZI

ISIKHATHI SOKUBA NDAWONYE

Umyeni okuthiwa uMichael uthi: “Ngezinye izikhathi lapho mina nomkami sindawonye, kufana nokuthi akekho. Ulibala ifoni yakhe, bese ethi, ‘Bengingakayibheki imiyalezo kuze kube manje.’” Umyeni okuthiwa uJonathan uthi ezimweni ezinjalo “abashadile bangase babe ndawonye kodwa bazizwe sengathi basezindaweni ezahlukene.”

ONGACABANGA NGAKHO: Kukangaki ukukhala kocingo noma umyalezo, kuphazamisa isikhathi ebeningasisebenzisela ukuxoxa noshade naye?​—EFESU 5:33.

UMSEBENZI

Abanye abantu benza imisebenzi edinga ukuba bahlale betholakala efonini ngisho noma besekhaya. Abanye, ngisho nalapho imisebenzi yabo ingabaphoqeleli ukuba bahlale betholakala, bakuthola kunzima ukushayisa emsebenzini bese besebenza nasekhaya. Umyeni okuthiwa uLee uyavuma: “Kunzima ukuba ngingalubambi ucingo noma ngingawuphenduli umyalezo ovela emsebenzini ngesikhathi engisibekele eceleni ukuba nomkami.” Inkosikazi okuthiwa uJoy ithi: “Ngisebenzela ekhaya, ngakho umsebenzi uhlale ukhona bese kuba nzima ukuyeka ukusebenza. Kudinga umzamo ukuhleleka.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe uyamlalelisisa oshade naye lapho ekhuluma nawe?​—LUKA 8:18.

UKWETHEMBEKA

Abantu abaningi bathi izingxabano eziba phakathi kwabantu abashadile zibangelwa izinto ezisolisayo ezisuke zifakwe abantu abashade nabo ezinkundleni zokuxhamana. Abanye bayavuma ukuthi bayazifaka ngasese izinto ku-inthanethi abangafuni ukuthi abantu abashade nabo bazi ngazo.

Kungashiwo kufanele ngezinkundla zokuxhumana ukuthi “zingamabhomu acushelwe umshado” ngoba zingakwenza kube lula ngabantu abashadile ukuba baziphathe kabi ngokocansi nabantu abangashadile nabo. Akumangazi ukuthi abameli bamacala okudivosa bathi izinkundla zokuxhumana ziyimbangela enkulu yokuba imishado eminingi ihlukane namuhla.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe uyamfihlela oshade naye lapho ukhuluma nothile wobulili obuhlukile?​—IZAGA 4:23.

ONGAKWENZA

BEKA IZINTO EZIZA KUQALA

Umuntu ongadli kahle ngeke abe nempilo. Ngokufanayo, umuntu ongaziniki isikhathi esanele nowakwakhe uba nezinkinga emshadweni.​—Efesu 5:28, 29.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​—FILIPI 1:10.

Xoxani ngalokhu okungezansi eningase nithande ukukuzama noma nibhale phansi enikucabangayo okunganisiza ukuze ezobuchwepheshe zingaphazamisi umshado wenu.

  • Sizodla ndawonye okungenani kanye ngosuku

  • Sizozibekela isikhathi esingeke sizisebenzise ngaso ezobuchwepheshe

  • Sizohlela isikhathi sokwenza okuthile okukhethekile okuzosijabulisa sisobabili

  • Sizocisha imishini yethu yezobuchwepheshe ebusuku, siyibeke kude nalapho silala khona

  • Sizobekela eceleni imizuzu engu-15 ngosuku ukuze sixoxe singaphazanyiswa yimishini yezobuchwepheshe

  • Ngeke singene ku-inthanethi isikhathi esithile usuku ngalunye