Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

1 Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

1 Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Abantu abaningi abafuni ukukhonza uNkulunkulu ngoba bacabanga ukuthi nguye obangela ukuhlupheka.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Ngezindlela eziqondile nezicashile, abaholi benkolo abaningi baye bafundisa ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwethu. Ngokwesibonelo, abanye basho lokhu okulandelayo:

  • Izinhlekelele zemvelo ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu.

  • Izingane ziyafa ngoba uNkulunkulu udinga izingelosi ezengeziwe ezulwini.

  • UNkulunkulu uthatha uhlangothi ezimpini​—okuyimbangela enkulu yokuhlupheka.

Kodwa kungenzeka yini ukuthi abaholi benkolo bakhuluma amanga ngoNkulunkulu? Kuthiwani uma uNkulunkulu engabemukeli?

FUNDA OKWENGEZIWE

Bukela ividiyo ethi: Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

UNkulunkulu akayona imbangela yokuhlupheka kwethu.

Ukube ubeyiyo, lokho bekuyobe kuphambene nezimfanelo zakhe ezembulwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo:

“Zonke izindlela [zikaNkulunkulu] ziwubulungisa. . . . Ulungile futhi uqotho yena.”​DUTERONOMI 32:4.

“Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala, noMninimandla onke ukwenza ngokungabi nabulungisa!”​JOBE 34:10.

“UMninimandla onke akasiphendukezeli isahlulelo.”​JOBE 34:12.

UNkulunkulu akayamukeli inkolo ekhuluma amanga ngaye.

Lokhu kuhlanganisa izinkolo ezifundisa ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka nalezo ezisekela izimpi nodlame.

“Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami [likaNkulunkulu]. Angibathumanga, futhi angizange ngibayale noma ngikhulume nabo. Baprofetha kini umbono wamanga . . . nokukhohlisa kwenhliziyo yabo.”​JEREMIYA 14:14.

UJesu wabulahla ubuzenzisi bezinkolo.

“Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena. Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: ‘Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.’”​MATHEWU 7:21-23.