Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

2 Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?

2 Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Uma impendulo inguyebo, kusho ukuthi singakwazi ukunciphisa ukuhlupheka.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Abantu banesandla kangakanani kulokhu kuhlupheka okulandelayo?

  • Ukuhlukunyezwa.

    IWorld Health Organization (i-WHO) ilinganisela ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabane wake wahlukunyezwa ngokomzimba lapho eseyingane kanti owesifazane oyedwa kwabathathu useke wabhekana nokuhlukumezeka ngokomzimba noma ngokocansi (noma kokubili) phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe.

  • Ukushonelwa.

    I-World Health Statistics Ka-2018, eshicilelwe i-WHO ithi: “Kulinganiselwa ukuthi kwabulawa abantu abangaba ngu-477 000 ngo-2016 emhlabeni wonke.” Lokhu kwenezela enanini labantu abangu-180 000 okucatshangwa ukuthi babulawa ezimpini nasezingxabanweni ngalowo nyaka.

  • Izinkinga Zempilo.

    Esihlokweni esikhishwe kumagazini i-National Geographic, esibhalwe uFran Smith, kuthiwa: “Abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane bayabhema, futhi ugwayi ubalwa phakathi kwezinto ezinhlanu eziyizimbangela zokufa ezihamba phambili: isifo senhliziyo, unhlangothi, izifo ezihlobene nokuphefumula, isifo sokucinana emaphashini kanye nomdlavuza wamaphaphu.”

  • Ukungalingani Ngokwezenhlalo.

    UJay Watts onguDokotela wengqondo uyabika, “Ubumpofu, ukungalingani, ukucwaswa ngokobuhlanga, ngokobulili, ukuphelelwa yindawo yokuhlala nomoya wokuncintisana, konke lokhu kwandisa amathuba okucindezeleka.”

    FUNDA OKWENGEZIWE

    Bukela ividiyo ethi: Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

Abantu bayimbangela enkulu yokuhlupheka.

Okuningi kwakho kubangelwa ohulumeni abacindezelayo abaye benza ukuphila kwaba nzima kubantu abababusayo nakuba bethi bayabasiza.

‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’​UMSHUMAYELI 8:9.

Ukuhlupheka kungancishiswa.

Imiyalo yeBhayibheli ikhuthaza impilo engcono nobudlelwane obunokuthula nabanye.

“Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba, kodwa umhawu ungukubola emathanjeni.”​IZAGA 14:30.

“Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”​EFESU 4:31.