PHAPHAMA! No. 1 2026 | Ungenzenjani Uma Unomzwangedwa?
Kuyenzeka yini ube nomzwangedwa? Bayanda abantu abahlushwa umzwangedwa. Uma nawe ukuhlupha, ungase ucabange ukuthi ayikho into engakusiza. Abantu abaningi bathole ukuthi zikhona izinto abangazenza uma benomzwangedwa, ngakho ungakhathazeki. Ungakwenza yini nawe okufanayo?
Le Phaphama! izokusiza uqonde ukuthi yini ebangela umzwangedwa futhi izokhuluma ngamacebiso awusizo azokusiza ukwazi ukulwisana nomzwangedwa, uze uwunqobe nokuwunqoba.
Uyini Umzwangedwa?
Umzwangedwa ubuhlungu obungaphakathi obuzwa uma uzizwa sengathi uhlukanisiwe nabanye abantu noma akukho okukuhlanganisa nabo. Thola ukuthi ungayishintsha kanjani imizwa yakho.
Yini Eyenza Abantu Abaningi Kangaka Babe Nomzwangedwa?
Thola ukuthi yini eyenza abantu babe nomzwangedwa nokuthi yini eyenza abantu bazehlukanise nabanye.
Gxila Ekusizeni Abanye
Ukusiza nokusekela abanye kungawudambisa umzwangedwa. Funda ukuthi yiziphi izinyathelo ongazithatha ukuze usizakale.
Zenzele Abangani Abakahle
Abangani abakahle bakwenza ujabule nakakhulu futhi bakusiza udambise umzwangedwa.
Thola Izinto Ongathanda Ukuzenza Ngempilo Yakho
IBhayibheli lingakusiza uyibone into oyiphilelayo futhi ungahlushwa umzwangedwa kakhulu.
Ungenzenjani Uma Unomzwangedwa?
Funda izihloko ezikhuluma ngomzwangedwa uthole nokuthi ungalwisana kanjani nawo, uze uwunqobe nokuwunqoba.

