IsiZulu
PHAPHAMA! Esingakwenza Njengoba Izinto Zimba Eqolo
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/g/202511/ZU/pt/g_ZU_202511_lg.jpg
g25 No. 1

PHAPHAMA! No. 1 2025 | Esingakwenza Njengoba Izinto Zimba Eqolo

Iyakukhathaza yini indlela izinto esezibiza ngayo? Ingabe usebenza kanzima futhi usebenza amahora amade uzama nje indlela yokuphila? Uzithola usuchitha isikhathi esincane nabantu obathandayo? Uma impendulo yakho inguyebo, izihloko ezikule Phaphama! zingakusiza. Zinamacebiso angakusiza wehlise ukukhathazeka futhi ujabule. Isihloko sokugcina sizokunikeza ithemba langempela lokuthi isikhathi esizayo sizoba ngcono kakhulu kunalesi futhi lelo themba lingakududuza ngisho namanje.

 

Vuma Ukuthi Kunezinto Ongeke Uzilawule

Ukuvuma ukuthi angeke ukulawule ukunyuka kwezinto kungakusiza ukuba wenze isimo sakho sibe ngcono.

Yisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho

Cabanga ngamacebiso amahlanu angakusiza uyisebenzise ngokuhlakanipha imali yakho.

Yaneliseka

Funda ukuthi ungaphila kanjani ngokuncane futhi ujabule.

Yiba Nesandla Esivulekile

Ukupha abanye ngesandla esivulekile kungakusiza kanjani ubhekane nezinkinga zezomnotho?

Yiba Nethemba

IBhayibheli linikeza ithemba langempela lekusasa elingcono​​—⁠ithemba elingakududuza ngisho namanje.

Funda Okwengeziwe

IBhayibheli lisiza abaningi ukuba bakwazi ukubhekana nokubiza kwezinto. Nawe lingakusiza.