Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Kungani ebuthweni leNkosi uDavide kwakukhona amadoda ezinye izizwe?

AMANYE amaqhawe ezinye izizwe ayesebuthweni likaDavide eyehlanganisa uZeleki umAmoni, u-Uriya umHeti no-Ithima wakwaMowabi. a (1 IziKr. 11:​39, 41, 46) Ibutho likaDavide lalihlanganisa ‘namaKhereti, amaPheleti namaGiti.’ (2 Sam. 15:18) Kubonakala sengathi amaKhereti namaPheleti ayehlobene eduze namaFilisti. (Hez. 25:16) AmaGiti ayevela edolobheni lamaFilisti iGati.—Josh. 13:​2, 3; 1 Sam. 6:​17, 18.

Kungani uDavide ayenabantu bezinye izizwe ebuthweni lakhe? Wayeqiniseka ngokuthi babeqotho kuye, okubaluleke nakakhulu ukuthi babeqotho kuJehova. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene namaKhereti namaPheleti, i-The New Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi: “Bahlala beqotho kuDavide ngisho nalapho kwakunezimo ezinzima kakhulu phakathi nokubusa kwakhe.” Kanjani? Lapho “wonke amadoda akwa-Israyeli” eshiya iNkosi uDavide ukuze alandele “umuntu owuhlupho okwakuthiwa nguSheba,” amaKhereti namaPheleti ahlala eqotho kuDavide amsiza ukuba aqede ukuvukela kukaSheba. (2 Sam. 20:​1, 2, 7) Ngesinye isikhathi, indodana yeNkosi uDavide u-Adoniya yazama ukuqhwaga ubukhosi. Nokho, amaKhereti namaPheleti ahlala eqotho kuDavide asiza ekubekeni uSolomoni ukuba abe inkosi elandelayo, lowo owayekhethwe uJehova.—1 AmaKh. 1:​24-27, 38, 39.

Omunye umuntu wezizwe owahlala eqotho kakhulu kuDavide kwakungu-Ithayi umGiti. U-Ithayi namaqhawe akhe angu-600 basekela iNkosi uDavide lapho indodana ka-Davide u-Absalomu ivukela futhi yenza amadoda akwa-Israyeli ukuba ajikele inkosi. UDavide waqale watshela u-Ithayi ukuthi kwakungadingeki amlwele ngoba wayengowesinye isizwe. Kodwa u-Ithayi wathi: “Ngifunga uJehova futhi ngiyafunga nakuwe nkosi, noma ngabe inkosi yami ikuphi, kungaba ngenjongo yokuba ife noma ukuba iphile, yilapho inceku yakho iyoba khona!”—2 Sam. 15:​6, 18-21.

U-Ithayi wayeqotho kuDavide, inkosi eyayigcotshwe uJehova

Nakuba amaKhereti, amaPheleti namaGiti ayengabantu bezinye izizwe ayebheka uJehova njengoNkulunkulu weqiniso, ebheka uDavide njengogcotshwe uJehova. Kumele ukuba uDavide wayejabula ngempela ngokuba nala madoda aqotho ohlangothini lwakhe!

a Umthetho kaNkulunkulu olotshwe kuDuteronomi 23:​3-6 wawubenqabela abakwa-Amoni nabakwaMowabi ukuba bangene ebandleni lika-Israyeli. Nokho, kubonakala sengathi lo mthetho wawubhekisela ekubeni isakhamuzi esisemthethweni ngokugcwele kuleso sizwe, wawungabenqabeli abantu bezizwe ukuba bazihlanganise nabantu bakaNkulunkulu noma bahlale nabo. Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, k. 95.