Joshuwa 13:1-33

  • Izwe elingakanqotshwa (1-7)

  • Ukwabiwa kwezwe elisempumalanga yeJordani (8-14)

  • Ifa likaRubeni (15-23)

  • Ifa likaGadi (24-28)

  • Ifa likaManase empumalanga (29-32)

  • UJehova uyifa lamaLevi (33)

13  Manje uJoshuwa wayesegugile, iminyaka isihambile. + Ngakho uJehova wathi kuye: “Wena usugugile neminyaka yakho isihambile, kodwa kusasele indawo enkulu okumelwe idliwe.*  Nansi indawo esasele: + zonke izindawo zamaFilisti nazo zonke ezamaGeshuri +  (ukusuka lapho kuhlukana khona iNayile* ngasempumalanga* yeGibhithe kuze kube semngceleni wase-Ekroni enyakatho, okuyindawo eyayibhekwa njengeyamaKhanani); + kuhlanganise nezamakhosi amahlanu amaFilisti +—iGaza, i-Ashidodi, + i-Ashikeloni, + iGiti + ne-Ekroni; + ezama-Avi +  ngaseningizimu; lonke izwe lamaKhanani; iMeyara, engeyabaseSidoni, + kuze kube se-Afeki engasemngceleni wama-Amori;  izwe lamaGebhali + nayo yonke ingxenye yeLebhanoni esempumalanga, kusukela eBhali-gadi phansi kweNtaba iHermoni kuya eLebo-hamati; *+  izindawo ezisezintabeni kusukela eLebhanoni + kuze kube seMisirefoti-mayimi; + nayo yonke indawo yamaSidoni. + Ngizothatha izwe labo ngilinike ama-Israyeli. + Wena nje kufanele ulabele ama-Israyeli libe yifa lawo, njengoba nje ngikuyalile. +  Kumelwe uhlukanise leli zwe libe yifa lezizwe ezingu-9 kanye nohhafu wesizwe sakwaManase.” +  AbakwaRubeni, abakwaGadi kanye nomunye uhhafu wesizwe sakwaManase balithatha ifa labo abalinikwa uMose ngasempumalanga yeJordani, njengoba nje uMose inceku kaJehova ayebanike lona: +  kusukela e-Aroweri, + elisonqenqemeni lweSigodi* Sase-Arinoni + nasedolobheni eliphakathi nesigodi, nalo lonke izwe elisethafeni* laseMedeba kuze kufike eDiboni; 10  nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni, kuze kufike emngceleni wabakwa-Amoni; + 11  kanye neGileyadi nendawo yamaGeshuri namaMahakhati + nayo yonke iNtaba iHermoni nalo lonke iBhashani + kuze kufike eSaleka; + 12  yonke indawo eyayibuswa u-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi. (Wayephakathi kwamaRefa okugcina.) + UMose wabanqoba wathatha izwe labo. *+ 13  Kodwa ama-Israyeli awawaxoshanga *+ amaGeshuri namaMahakhati, ngoba amaGeshuri namaMahakhati asahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla. 14  Yisizwe samaLevi kuphela angasinikanga ifa. + Iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eshiswa emlilweni iyona eyifa laso, + njengoba nje ayesithembisile. + 15  UMose wanika isizwe sakwaRubeni ifa ngokwemindeni yaso, 16  indawo yaso yayiqala e-Aroweri, elisonqenqemeni lweSigodi Sase-Arinoni, nasedolobheni eliphakathi nesigodi, nalo lonke izwe elisethafeni* laseMedeba; 17  iHeshibhoni nawo wonke amadolobhana alo + asethafeni, iDiboni, iBhamoti-bhali, iBheti-bhali-mehoni, + 18  iJahazi, + iKedemoti, + iMefahati, + 19  iKiriyatayimi, iSibhima, + iZereti-shahari elisentabeni engasesigodini,* 20  iBheti-peyori, izindawo ezigudle iPhisiga, + iBheti-jeshimoti, + 21  wonke amadolobha asethafeni, nayo yonke indawo ebuswa uSihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni. + UMose wamnqoba + kanye nezikhulu zakwaMidiyani, u-Evi, uRekemi, uZuri, uHure noRebha, + amakhosi ayengaphansi kukaSihoni ayehlala kulelo zwe. 22  UBhalami + indodana kaBheyori, isangoma, + wabulawa ama-Israyeli ngenkemba kanye nabo bonke abanye ababulawa. 23  Umngcele wabakwaRubeni kwakuyiJordani; le ndawo yayiyifa labakwaRubeni ngokwemindeni yabo, kanye namadolobha ayo nemizi engaphansi kwawo. 24  Ngaphezu kwalokho, uMose wabela isizwe sakwaGadi ifa, abakwaGadi ngokwemindeni yabo, 25  indawo yabo yayihlanganisa iJazeri + nawo wonke amadolobha aseGileyadi kanye nengxenye yezwe lakwa-Amoni + kuze kufike e-Aroweri, elingaseRaba; + 26  nokusuka eHeshibhoni + kuze kube seRamati-mispe naseBethonimi naseMahanayimi + kuze kube semngceleni weDebhiri; 27  nasesigodini,* eBheti-haramu, eBheti-nimra, + eSukoti + naseZafoni, yonke indawo ebuswa uSihoni inkosi yaseHeshibhoni, + iJordani liwumngcele ukusuka emaphethelweni oLwandle LwaseKhinereti *+ empumalanga yeJordani. 28  Leli zwe laliyifa labakwaGadi ngokwemindeni yabo, kanye namadolobha alo nemizi engaphansi kwawo. 29  Ngaphezu kwalokho, uMose wabela uhhafu wesizwe sakwaManase ifa, laba elohhafu wesizwe sakwaManase ngokwemindeni yabo. + 30  Indawo yabo yayiqala eMahanayimi + ihlanganise lonke iBhashani, yonke indawo eyayibuswa u-Ogi inkosi yaseBhashani, nayo yonke imizi engamatende kaJayire + eBhashani, amadolobhana angu-60. 31  Uhhafu weGileyadi ne-Ashitaroti ne-Edireyi, + amadolobha ayebuswa u-Ogi eBhashani, kwabelwa amadodana kaMakiri + indodana kaManase, uhhafu wamadodana kaMakiri ngokwemindeni yawo. 32  Lawa amafa uMose abanika wona emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaphesheya kweJordani, empumalanga yeJeriko. + 33  Kodwa uMose akasinikanga ifa isizwe samaLevi. + UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyena oyifa laso, njengoba nje asithembisa. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “inqotshwe.”
NgesiHebheru, “phambi.”
Noma, “esukela eShihori.”
Noma, “ekuqaleni kweHamati.”
Noma, “loMhosha.”
Noma, “elisenkangala.”
Noma, “wabanqoba wabaxosha.”
Noma, “awawaphucanga indawo yawo.”
Noma, “elisenkangala.”
Noma, “engasethafeni eliphansi.”
Okuwukuthi, ichibi laseGenesaretha, noma uLwandle LwaseGalile.
Noma, “nasethafeni eliphansi.”