Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

ESwitzerland

Ucwaningo olwenziwa eSwitzerland luthi angamaphesenti angu-14 amathuba okuba umuntu oneminyaka engaphezu kuka-60 afe ngosuku lwakhe lokuzalwa kunokuba afe ngezinye izinsuku. Ngokuvamile, ngezinsuku zabo zokuzalwa, zingamaphesenti angu-18 izehlakalo zokufa kwabantu ngenxa yesifo senhliziyo, zibe ngamaphesenti angu-21 ezokushaywa unhlangothi kwabesifazane, zibe angu-35 ezokuzibulala kwabesilisa. Ososayensi bakholelwa ukuthi ukucindezeleka nophuzo oludakayo kunomthelela enanini eliphakeme lokuzibulala nezingozi. Nokho, abanye ochwepheshe abavumelani nalokhu, bakholelwa ukuthi kungenzeka ukuqondana okuningi kwezinsuku zokuzalwa nezokufa kwabantu kubangelwa amaphutha nje omuntu.

Kwa-Israel

Abesilisa ababukeka kahle banamathuba amaningi okubizelwa ezingxoxweni zokufuna umsebenzi uma befake izithombe zabo esicelweni sabo somsebenzi; kanti abesifazane abakhangayo banamathuba amancane. Kungani? Abacwaningi bakwa-Israel basikisela ukuthi imbangela yalokhu ukuthi iminyango eyabelwe ukusingatha izingxoxo zabafuna umsebenzi igcwele abesifazane. I-Economist, ithi isizathu “esinganambitheki” salokhu ukuthi “umkhuba omdala wokuba nomona wenza abanye besifazane babandlulule abesifazane abahle.”

E-United States

Abantu abathathu abamelene nempi—owesifazane oyindela oneminyaka engu-82 nabesilisa ababili, oneminyaka engu-63 noneminyaka engu-57—basanda kufohla uthango olusendaweni ese-Oak Ridge, eTennessee, okugcinwe kuyo amathani ayikhulu ezinto zokwenza inuzi, base bebhala kwesinye sezakhiwo iziqubulo ezimelene nempi. Ukungaqini kwezokuphepha kwenye “yezindawo obekulindeleke ukuba iphephe kakhulu emhlabeni” kwachazwa uNobhala Wezamandla uSteven Chu “njengento ekhathaza kakhulu.”

E-Australia

Inkantolo ephakeme kakhulu kuleli zwe ifuna ukuba izinkampani zikagwayi zisuse imibala namagama ahlukanisa izinhlobo zikagwayi emaphaketheni awo. Manje, zonke izinhlobo zikagwayi sekufanele zifakwe emaphaketheni ansundu ngokuphaphathekile angabhalwe lutho kodwa anemifanekiso ebonisa izingozi zokubhema.