Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE BAKLANYWA?

Ubuchopho Obuzivuselelayo Bengwejeje Yase-Arctic Ehlala Emgodini

Ubuchopho Obuzivuselelayo Bengwejeje Yase-Arctic Ehlala Emgodini

LAPHO lesi silwane esichitha ubusika silele siqala ukulala kwasebusika, izinga lokushisa emzimbeni waso liyehla. Lehla kangakanani? Kubonakala sengathi izingwejeje eziningana zase-arctic ezihlala emgodini ziye zaqopha umlando—lapho izinga lokushisa lomzimba wazo lehla lifinyelela ku-2,9°C ngaphansi kwezinga-qhwa! Kulelo zinga lokubanda, besingalindela ukuba ubuchopho bazo bube yiqhwa. Yini eyenza lesi silwane siqhubeke siphila ngaphansi kwalesi simo?

Cabanga ngalokhu: Njalo ngemva kwamasonto amabili noma amathathu silele, lesi silwane siqhaqhazelisa umzimba waso ubuyele ezingeni lokushisa kwawo okuvamile okungu-36,4°C futhi uqhubeka ufudumele amanye amahora angu-12 kuya kwangu-15. Abacwaningi bathi lokhu kuzifudumeza nakuba kuthatha isikhashana, kunendima ethile ekugcineni ubuchopho balesi silwane busebenza. Ngaphezu kwalokho, phakathi nale nkathi ingwejeje eyichitha ilele, kubonakala sengathi ikhanda lihlale lifudumele kancane kunomzimba wayo. Phakathi nocwaningo lwase-laboratory, amazinga okushisa ezintamo zezingwejeje okukhulunywe ngazo ngenhla awakaze ehle abe ngaphansi kuka-0,7°C.

Lapho ingwejeje ivuka kulokhu kulala kwasebusika, ubuchopho bayo buqala ukusebenza ngendlela evamile ngemva nje kwamahora angaba mabili. Empeleni, olunye ucwaningo lusikisela ukuthi ubuchopho balesi silwane busebenza kangcono kakhulu ngemva kwale nkathi esiyichitha silele! Ochwepheshe basala bebambe ongezansi ngenxa yalokhu kubuyela esimweni kobuchopho okumangalisayo. Bakufanisa nokuhluma kotshani ngemva kwezinsukwana nje emhlabathini ohangulwe umlilo wequbula.

Abacwaningi bakholelwa ukuthi ukucwaninga ngengwejeje yase-arctic ehlala emgodini kuzobasiza bakuqonde ngokugcwele okungenziwa ubuchopho bomuntu. Umgomo wabo ukufunda okwengeziwe ngendlela yokuvimbela noma ngisho yokwelapha ukufa kwamangqamuzana okwenzeka ngenxa yezifo ezihlasela ubuchopho, njenge-Alzheimer’s.

Ucabangani? Ingabe ubuchopho obuzivuselelayo bengwejeje yase-arctic ehlala emgodini baba khona ngengozi, noma ingabe baklanywa?