Ukubuka Okwezwe
EJalimane, cishe bangamaphesenti angu-33 abantwana abazalwa ngaphandle komshado ngo-2010 uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-15 alabo abazalwa ngo-1993.—I-ÄRZTE ZEITUNG ne-THE LOCAL, EJALIMANE.
Ngokombiko wokubalwa kwabantu okwenziwa ngo-2010, bangamaphesenti angu-69,4 abantwana abahlala nabo bobabili abazali e-United States, babe ngamaphesenti angu-23,1 abahlala nonina, babe angu-3,4 abahlala noyise, kanti abangamaphesenti angu-4,1 abahlali namzali.—I-U.S. CENSUS BUREAU, E-U.S.A.
Izinhlekelele zemvelo zalahlekisela umnotho womhlaba wonke imali ebalelwa ezigidini zezigidi ezingu-3,2 zamaRandi ngo-2011. Ukuzamazama komhlaba kwaseJapane yikho “okwahamba phambili kulokhu, njengoba kwadla izigidi zezigidi ezingu-1,8 zamaRandi—ingahlanganisiwe inhlekelele yenuzi yaseFukushima.”—I-NEW SCIENTIST, EBRITHANI.
Emhlabeni wonke, into ewukudla entshontshwa kakhulu ushizi. Emhlabeni, ungaphezudlwana nje kwamaphesenti amathathu ushizi osuke uzodayiswa olahlekayo, ngokuyinhloko webiwa abathengi nezisebenzi.—I-CENTRE FOR RETAIL RESEARCH, EBRITHANI.
Izingozi “Zokushaya Ibhola Ngekhanda” Emdlalweni Kanobhutshuzwayo
Emdlalweni kanobhutshuzwayo, ukulawula ibhola ngekhanda—noma “ukulishaya ngekhanda”—kuyingxenye yomdlalo. Noma kunjalo, ucwaningo lwamuva olwenziwa ngendlela ethuthukisiwe yokuthatha izithombe nezivivinyo zokusebenza kwengqondo luye lwaveza ukukhathazeka ngokuphepha endabeni yokushaya ibhola ngekhanda njalo. Ngokwabacwaningi base Albert Einstein College of Medicine, eNew York, e-U.S.A., ukushaya ibhola ngekhanda “kwandisa amathuba okulimala ebuchosheni nawokuphazamiseka kokusebenza kwengqondo.” Lokhu kulimala kwaphawuleka phakathi kwezimfundamakhwela ezashaya ibhola ngekhanda izikhathi ezingaphezu kwenkulungwane kuya kwezingu-1 500 ngonyaka—okumane nje “kuyizikhathi ezimbalwa ngosuku kumdlali ovamile.”
Izimoto Ezihamba Ngogesi Nophethiloli Ziyingozi Kakhudlwana Kubantu Abahamba Ngezinyawo
“Izinhlangano ezizimele ziye zaveza ukukhathazeka ngokuphepha kwabahamba ngezinyawo kulezi zimoto ezibizwa ngama-HEV [hybrid electrical vehicles]. Ezikhathazeka ngako ukuthi lezi zimoto zibonakala zingadumi futhi zingawubangi umsindo, lowo abahamba ngezinyawo nangamabhayisikili abathembela kuwo ukuze ubaxwayise uma kunemoto eza ngakubo emgwaqweni noma empambanweni yemigwaqo,” kusho umbiko woMnyango Wezokuthutha wase-U.S. Empeleni, lapho kwenziwa izivivinyo, “lolu hlobo lwezimoto lwabonakala lungahileleka ezingozini zokushayisa abantu” ngezinga eliphindwe kabili kunelezimoto ezivamile, kusho lo mbiko. Yingakho i-National Highway Traffic Safety Administration iye yasikisela ukuba izimoto ezihamba ngogesi nophethiloli nezihamba ngogesi zenziwe zikhiphe umsindo othile lapho zihamba kancane.