Intsha Iyabuza
Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka?
Kungakanani ukucindezeleka obhekene nakho?
- Ukucindezeleka? Angazi nokuthi yini yona leyo
- Angicindezelekile kangako
- Ngidonsa kanzima
- Ngicindezeleke ngokweqile
UKUBHEKANA nokucindezeleka kunjengokudonsa ibhokisi lensimbi elisindayo lokuthwala izimpahla (shipping container). Iloli elikhulu lingalidonsa kalula nje linqamule nalo izwe. Kodwa imoto ngeke ikwazi. Ukudonsa umthwalo ongako, ngisho nebanga elifushane nje kungayilimaza injini yayo. Kuba njalo “nangomzimba” wakho uma ukhungathekiswe ukucindezeleka.
Ingabe akukho okungasiza kulesi simo? Ngokuqinisekile kukhona! Ukuze unganqotshwa ukucindezeleka, kungadingeka unciphise umthwalo wakho noma uthole “amandla” engeziwe. Empeleni, ungakwenza kokubili. Ake sibone ukuthi kanjani.
Nciphisa Umthwalo Wakho
INSELELE: Izinhlelo Ezingaphezu Kwamandla Akho.
“Ngivele ngicelwe othile ukuba ngisize ngokuthile noma siyozijabulisa ngibe empeleni nginezinto okudingeka ngizenze. Angive ngingathandi ukuphoxa umuntu ngokwenqaba.”—UKarina. *
IKHAMBI: Funda ukwenqaba.
IBhayibheli lithi, “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Isizotha noma ukwamukela ukulinganiselwa kwakho, kukusiza ukuba ukwazi ukuthi cha lapho umthwalo wakho uzosinda kakhulu ube ngaphezu kwamandla akho.
Yiqiniso, ngeke wenqabe ngaso sonke isikhathi—ngokwesibonelo, lapho abazali bakho bekukhumbuza ngemisebenzi yakho yasekhaya! Kodwa uma uvumela wonke umuntu anezele emthwalweni wakho, ekugcineni umthwalo uzoba ngaphezu kwamandla akho. Ngisho namaloli anesilinganiso somthwalo okungamelwe eqele ngalé kwaso.
Icebiso: Uma kunzima kuwe ukunqaba ngokuqondile kumuntu, zama ukusho into enjengokuthi, “Ngicela ukukuphendula ngesinye isikhathi.” Yibe usuzibuza ngaphambi kokumnikeza impendulo ewujuqu, ‘Ingabe ngingakwazi ngempela ukuba nesikhathi namandla adingekayo alokho okumelwe kwenziwe?’
INSELELE: Ukuhlehlisa.
“Uma umsebenzi ubonakala unzima, ngiyaye ngithi ngizobuye ngiwenze. Kodwa nalapho, ngiyolokhu ngikhathazeké ngokuthi lo msebenzi usangilindele. Ekugcineni uma sengiqala ukuwenza, kudingeka ngisheshe bese lokho kuyangicindezela.”—USerena.
IKHAMBI: Qala ukusebenza—ngisho noma ungeke uqede manje.
“Ningavilaphi emsebenzini wenu,” kweluleka iBhayibheli. (Roma 12:11) Ukubhekana nomsebenzi onzima kubi ngokwanele, pho kungani wenezela kulowo mthwalo ngokuhlehlisa izinto? Lokho kuvele kugcine lowo msebenzi uphambi kwakho isikhathi eside!
Okungakusiza, ukwenza isimiso. Caza imisebenzi emikhulu ibe izilinganiso ongase ukwazi ukuzenza. Intokazi ebizwa ngoCarol ithi: “Ngiyakuthanda ukuba nesimiso. Ngivame ukuqala ngezinto engizenqena kakhulu, kanti njengoba ngilokhu ngiziphawula lapha ohlwini ukuthi sengizenzile, kuya kuba lula ukuzenza. Ngokuphazima kweso, usungadlulela ezintweni ezikujabulisa kakhudlwana!”
Icebiso: Uma kuwumzukuzuku ukuqala umsebenzi, cupha iwashi ukuba likhale ngemva kwemizuzu eyishumi noma engu-15 bese uqala ukusebenza uma nje uqeda ukulicupha. Lapho iwashi likhala, uyobe usuqede ingxenye yemizuzu eyishumi noma engu-15 yomsebenzi. Njengoba usuqalile, kungase kukumangaze ukubona ukuthi kulula kangakanani ukwenza okwengeziwe kulowo msebenzi.
Gcina ikamelo lakho licocekile! Lapho kudingeka ucinge emfuhlumfuhlwini ukuze uthole izingubo ezihlanzekile noma umsebenzi wesikole owenziwa ekhaya, izinga lokucindezeleka liyakhuphuka. Ukuze ungenzi izinto ngokubhuduzela ekuseni, beka eceleni imizuzu emihlanu yokuqoqa ekamelweni ngaphambi kokuba ulale.
Thola “Amandla” Engeziwe
Qiniseka ukuthi “ungakwazi” ukuthwala umthwalo wakho
Nakekela umzimba wakho.
Izazi ziyavuma ukuthi ukudla okunomsoco, ukuzivocavoca njalo nokulala ngokwanele kuyokusiza ukwazi ukwenza okwengeziwe. * Ungakhathazeki—ukunakekela umzimba akunzima ngaleyo ndlela. Ukuthatha izinyathelo ezilula ezimbalwa kungakusiza uqale. Ngokwesibonelo, ake sicabangele ukulala. Zama lokhu okulandelayo.
- Lala ngokwanele. Beka izikhathi ozolala futhi uvuke ngazo, okungenani ngezinsuku oya ngazo esikoleni nasemsebenzini.
- Zinike isikhathi esanele sokuphumula. Ungazivocavoci phakathi namahora amathathu ngaphambi kokuyolala futhi gwema nokudla ukudla okulula okunamafutha amaningi nezinto ezine-caffeine lapho usuzolala.
- Uma sekuyisikhathi sokulala, zama ukuvimba ukukhanya kungangeni ekamelweni lakho, kungabi namsindo futhi kuthokomale.
Xhumana nabanye.
Unganqikazi ukucela usizo kubazali bakho nakubangane. Ingabe ngempela lokho kuyosiza? Yebo, ngoba ucwaningo lubonisa ukuthi ukusekelwa okungokomzwelo kunciphisa umonakalo ongadalwa ukucindezeleka okukhulu enhliziyweni yakho, emithanjeni yegazi nasemasosheni omzimba.
Lawo maqiniso avumelana neBhayibheli, lapho lithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” (IzAga 12:25) Lapho “ukukhathazeka” kukucindezela, abangane beqiniso bangakunikeza “izwi elihle” lesikhuthazo, okungenzeka liyilokho kanye okudingayo ukuze ube ngcono.
Ingabe usaludinga usizo ukuze ubhekane ngokuphumelelayo nokucindezeleka? Bheka izahluko ezilandelayo ezincwadini ezithi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1 no-2, ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
UMQULU 1
- Isahluko 18: Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
- Isahluko 21: Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
UMQULU 2
- Isahluko 26: Ngingayilawula Kanjani Imizwelo Yami?
- Isahluko 27: Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?
^ isig. 12 Amanye amagama ashintshiwe kulesi sihloko.
^ isig. 24 Ukuze uthole amacebiso mayelana nokudla kahle nokuzivocavoca, bheka isahluko 10 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?
Ikuphi ukucindezeleka enibhekene nakho ekuphileni kwenu? Iziphi izindlela zokubhekana nokucindezeleka enizithole ziphumelela kakhulu?