Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 7

“Ukuphela Kuyofika”

IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 7

Kulolu chungechunge lwezihloko ezingu-8, i-Phaphama! ikhuluma ngesici esibalulekile seBhayibheli—iziprofetho zalo, noma izibikezelo. Lezi zihloko zizokusiza ukuba uphendule le mibuzo: Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zimane nje ziwumphumela wokuhlakanipha kwabantu? Ingabe ziphefumulelwe uNkulunkulu ngempela? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi.

INGABE uyacasuka lapho ohulumeni abakhohlakele bexhaphaza izakhamuzi zabo? Ingabe kuyakukhathaza ukungabi nabulungisa okwenziwa amabhizinisi amakhulu lapho ezicebisa ngabantu abampofu? Ingabe kuyakuthukuthelisa uma abaholi benkolo bencela imali emihlanjini yabo noma beyifundisa izimfundiso ezingamanga aluhlaza? Uma kunjalo, kungakujabulisa ukuzwa ukuthi neBhayibheli liyabulahla lobu bubi. Lesi sihloko sizocabangela (1) iziprofetho zeBhayibheli ezabikezela ngokuphela kwabo bonke ububi kanye nabantu ababi (2) nesizathu esenza kufaneleke ukuba lezi ziprofetho sizethembe ngokugcwele.

Ukuphela Kobubi

Isihloko esandulele kulolu chungechunge sikhulume ngesibonakaliso esiyinhlanganisela uJesu asinikeza esibonisa ukusondela kokuphela kwezwe lamanje. Leso sibonakaliso sihlanganisa ukumenyezelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu embulungeni yonke—uhulumeni kaNkulunkulu ozobusa wonke umhlaba maduzane. (Daniyeli 2:44; Mathewu 24:3, 14) Lapho lo msebenzi wokumemezela sewufeziwe, uJesu wathi, “ukuphela kuyofika.” Mhlawumbe uzomangala ukuzwa ukuthi into yokuqala uNkulunkulu ayoyisusa, inkolo yamanga eye yammelela kabi. EBhayibhelini, inkolo yamanga ifanekiselwa isifebe esibizwa ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.”—IsAmbulo 17:1, 5; bheka ibhokisi elithi  “Indlela Yokubona IBhabhiloni Elikhulu,” ekhasini 13.

Isiprofetho 1:

“Zizofika ngalusuku lunye izinhlupho zalo [iBhabhiloni Elikhulu], ukufa nokulila nendlala, futhi liyoshiswa ngomlilo liphele, ngoba uJehova  uNkulunkulu, olahlulele, unamandla.”—IsAmbulo 18:2, 8.

Ukugcwaliseka: IBhayibheli lembula ukuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uNkulunkulu uyobangela ukuba ababusi bezwe bezombangazwe abanamandla baliphendukele iBhabhiloni Elikhulu balibhubhise. ‘Bayolenza incithakalo balihambise nqunu’ futhi ‘bayoyidla bayiqede inyama yalo.’ (IsAmbulo 17:16) Ngamanye amazwi, bayokwembula ihlazo lalo futhi bawuthathe wonke umcebo walo. Ukubhujiswa kwalo kuyoshesha futhi kwenziwe ngokuphelele kangangokuba ngeke kusale ngisho neminonjana yalo.—IsAmbulo 18:21.

Ababusi bezombangazwe bangase bacabange ukuthi lesi senzo siyisinqumo sabo. Kodwa, ukugcwaliseka kwalesi siprofetho esimangalisayo kuyoqinisekisa ukuthi ukuphela kwaleli Bhabhiloni kuyobe kubangelwe uNkulunkulu. Uyena ‘oyobe ekufake ezinhliziyweni zabo ukuba bafeze umqondo wakhe.’—IsAmbulo 17:17.

Isiprofetho 2:

“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [eyenziwe abantu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

Ukugcwaliseka: Ngemva kokuba eseqedile ngenkolo yamanga, uNkulunkulu uyobe esephendukela kwezinye izinhlangano—ezombangazwe nezentengiselwano, kuhlanganise nabantu ababi. (IzAga 2:22; IsAmbulo 19:17, 18) Njengoba kwenza umnikazi wendawo oxosha abantu abaqashile abonakalisa isakhiwo sakhe, uNkulunkulu ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’ Uyobhubhisa nalabo abawugcwalisa ngobudlova nangezenzo zobulili ezihlasimulisayo.—IsAmbulo 11:18; Roma 1:18, 26-29.

Obani abayosinda? IBhayibheli liyaphendula: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11; 72:7.

 Ingabe singazethemba iziprofetho zeBhayibheli? Ingabe singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyobuqeda ububi nokuhlupheka futhi abalondoloze abalungile? Yebo!

Iziprofetho ZeBhayibheli Zithembekile

UMbuso kaNkulunkulu uyoyiqeda yonke inkolo yamanga, ababusi abonakele kanye nezentengiselwano ezihahayo

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMlobi weBhayibheli nokuthi konke akuthembisile uyokwenza. (2 Thimothewu 3:16) Ingabe le nkolelo inengqondo?

Uma unomngane okuthanda ngempela nosekuyisikhathi eside wazana naye futhi ongakaze akukhohlise, ubungamethemba yini uma ethembisa ukukwenzela into ethile enhle futhi enawo amandla okufeza leso sithembiso? Ngokuqinisekile ubungamethemba. UNkulunkulu ungcono ngisho nangaphezu kwanoma imuphi umngane esingaba naye. “UNkulunkulu akalokothi aqambe amanga!”—Thithu 1:2, Contemporary English Version.

UNkulunkulu akalwamukeli ukholo olungenasisekelo. Ngenxa yalokho, waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba babhale iziprofetho eziningi eziyogcwaliswa nguyena kuphela, onguMninimandla onke. Iningi lalezo ziprofetho nokugcwaliseka kwazo okumangalisayo kuye kwaxoxwa ngakho ezingxenyeni zokuqala eziyisithupha ezidlule zezihloko zalolu chungechunge. Khona-ke, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyozigcwalisa lezo zibikezelo ezihilela ikusasa lethu, kuhlanganise nalezo eziphawulwe kulesi sihloko.

Yebo, uMdali uyoyiqeda inkolo yamanga, ohulumeni abacindezelayo kanye nezentengiselwano ezihahayo. Ungathanda ukwazi okwengeziwe ngalokho okuyokwenzeka ngemva kwalezi zehlakalo? Umagazini olandelayo we-Phaphama! uyokusiza. Uyobe unesihloko sokugcina salolu chungechunge.