Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thatha Izinyathelo Zokuthuthukisa Impilo Yakho

Thatha Izinyathelo Zokuthuthukisa Impilo Yakho

INGABE uyamkhumbula uRam, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala salolu chungechunge? Njengabanye abaningi emhlabeni, uRam wayengaqapheli ukuthi ukudla okufanele neminye imikhuba yansuku zonke kubaluleke kanjani empilweni. Uyalandisa: “Isihloko esikuyi-Phaphama! esithi ‘Ungakuthola Ukudla Okunomsoco’ (May 8, 2002) sangisiza ngaqonda ukuthi kungani kufanele sikunake esikudlayo.”

Uyachaza: “Njengomkhaya, sazama ukukusebenzisa esasikufunde kulesi sihloko. Ngemva kwesikhathi esithile, sathola ukuthi amasosha ethu omzimba aba namandla. Ngaphambi kokuba sikunake lokho esasikudla, sasivamile ukuphathwa umkhuhlane, kodwa manje sekuyethukela. Safunda nangezindlela ezongayo nezilula zokuthola amanzi okuphuza ahlanzekile esihlokweni esikuyi-Phaphama! esithi ‘Izindlela Eziyisithupha Zokuvikela Impilo Yakho.’”—October 8, 2003.

“Esinye isihloko esikuyi-Phaphama! sangisiza ukuba ngithuthukise impilo yomkhaya wami. Sasithi ‘Insipho—“Umuthi Wokuzigoma,”’ kumagazini ka-December 8, 2003. Sazama ukusikisela okukulesi sihloko ngokushesha nje ngemva kokusifunda. Manje asisahlushwa izifo zamehlo njengasekuqaleni.

“Endaweni esihlala kuyo abantu abakhathazeki ngezimpukane ezibhuzayo nomiyane. Kodwa umkhaya wethu wafunda kuyi-video ethi The Bible—Its Power in Your Life, * ukuthi kufanele singasondelani nezinambuzane ezinjalo. Nalolu lwazi lusisiza ukuba silondoloze impilo enhle.”

Ungaliphonsi ithawula! Kunoma yiziphi izinguquko okudingeka uzenze, uyophumelela ngokwengeziwe ngokuqala kancane kancane futhi ungazibekeli imigomo engafinyeleleki. Ngokwesibonelo, zama ukunciphisa ekudleni okungenampilo kunokuvele ukuyeke nje ngokuphelele. Zama ukusheshe ulale nokuvivinya umzimba ngokwengeziwe. Kungcono ukwenza okuthile kunokuvele uhlale nje dekle. Ngokuvamile kuthatha isikhathi—amasonto noma izinyanga—ngaphambi kokuba umkhuba omusha omuhle ungene egazini. Okwangaleso sikhathi, uma ungaziboni izinzuzo zemizamo yakho, ungadikibali. Uma uphikelela naphezu kweziphazamiso, cishe impilo yakho iyothuthuka.

Kuleli zwe lokungapheleli, akunakwenzeka ukuba umuntu abe nempilo ephelele. Uma kwenzeka ugula, kungaba ngenxa yobuthakathaka bobuntu esabuzuza njengefa, hhayi ukuthi uyaziyekelela. Ngakho-ke, ungavumeli ukukhathazeka ngempilo noma ezinye izinto kukubangele ukucindezeleka okungadingekile. UJesu wabuza, “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebudeni besikhathi sakhe sokuphila?” (Luka 12:25) Kunalokho, mane uzame ukugwema izinto ezifushanisa ukuphila ngokungadingekile futhi zikukhubaze. Ukwenza kanjalo kungakusiza ujabulele impilo engcono ngangokunokwenzeka kuze kube yilolo suku emhlabeni kaNkulunkulu omusha lapho ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’—Isaya 33:24.

^ isig. 5 Yenziwa oFakazi BakaJehova.