Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZENZO 25-26

UPawulu Udlulisela Icala KuKhesari Bese Eshumayeza INkosi UHerode Agripha

UPawulu Udlulisela Icala KuKhesari Bese Eshumayeza INkosi UHerode Agripha

25:11; 26:1-3, 28

Nakuba kungafanele sikhathazeke ngalokho esizokusho lapho silethwa “phambi kwababusi namakhosi,” kufanele ‘sikulungele ukuvikela’ ukholo lwethu phambi kwabo bonke abafuna ngenkani ukwazi ukuthi kungani sikholelwa kulokho esikukholelwayo. (Math 10:18-20; 1Pet 3:15) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu uma abaphikisi bezama ukusibangela ‘izinkathazo besebenzisa umthetho’?—IHu 94:20.

  • Singasebenzisa ilungelo lethu elingokomthetho ukuze sivikele izindaba ezinhle.—IzE 25:11

  • Singabonisa inhlonipho lapho sikhuluma neziphathimandla.—IzE 26:2, 3

  • Uma kufaneleka, singachaza indlela izindaba ezinhle ezisisize ngayo, nezibasize ngayo abanye.—IzE 26:11-20