Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EZRA 1-5

UJehova Uyazigcina Izithembiso Zakhe

UJehova Uyazigcina Izithembiso Zakhe

UJehova wathembisa ukuthi ukukhulekela kweqiniso ethempelini laseJerusalema kwakuyovuselelwa. Kodwa ngemva kokuba izithunjwa zibuyile eBhabhiloni, kwaba nezingqinamba eziningana, ezihlanganisa nomyalo wenkosi omisa umsebenzi wokwakha. Abaningi baba novalo lokuthi umsebenzi wawungasoze uphothulwe.

  1. c. 537 B.C.E.

    UKoresi wakhipha umyalo wokwakha ithempeli kabusha

  2. 3:3

    Inyanga yesikhombisa

    Kwamiswa i-altare; kunikelwa imihlatshelo

  3. 3:10, 11

    536 B.C.E.

    Kwabekwa isisekelo

  4. 4:23, 24

    522 B.C.E.

    INkosi u-Aritahishashita yavimba umsebenzi wokwakha

  5. 5:1, 2

    520 B.C.E.

    UZakariya noHagayi bákhuthaza abantu ukuba baqhubeke nomsebenzi wokwakha

  6. 6:15

    515 B.C.E.

    Ithempeli laphothulwa