Jeremiya 9:1-26

9  O ukube ikhanda lami belingamanzi, namehlo ami engumthombo wezinyembezi!+ Khona-ke bengiyokhala imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi.+  O ukube benginendawo yokungenisa izihambi ehlane!+ Khona-ke bengiyobashiya abantu bakithi ngisuke kubo, ngoba bonke bayiziphingi,+ umbuthano onesizotha wabenza ngokukhohlisa;+  bagoba ulimi lwabo ngamanga+ njengomnsalo wabo; kodwa ngokuphathelene nokwethembeka abazange bazibonise benamandla ezweni. “Ngoba basuka kobunye ububi baye kobunye ububi, futhi abanginakanga ngisho nanami,”+ kusho uJehova.  “Ziqapheni yilowo nalowo kumngane wakhe,+ ningalokothi nibeke ithemba lenu kumfowenu.+ Ngoba yilowo nalowo muntu ngokuqinisekile uyoqilizela ngisho nomfowabo esikhundleni,+ nalowo nalowo mngane womuntu uyohambahamba njengomnyundeli,+  baqhubeka bekhohlisa yilowo nalowo umngane wakhe;+ futhi abakhulumi neze iqiniso. Bafundisé ulimi lwabo ukukhuluma amanga.+ Bazenzé bakhathala benza okubi nje kuphela.+  “Uhlezi phakathi kwenkohliso.+ Ngenkohliso benqabile ukungazi,”+ kusho uJehova.  Ngakho-ke yilokhu uJehova wamabutho akushilo: “Bheka ngiyabancibilikisa, futhi kumelwe ngibahlole,+ ngoba ngalé kwalokho isiphi isinyathelo ebengingasithatha ngenxa yendodakazi yabantu bami?+  Ulimi lwabo luwumcibisholo ocekayo.+ Lukhulumé inkohliso. Ngomlomo wakhe, umuntu ulokhu ekhuluma ukuthula nomngane wakhe; kodwa ngaphakathi kuye uhlela ukuqamekela kwakhe.”+  “Akufanele yini ngibenze balandise ngenxa yalezi zinto?” kusho uJehova. “Noma akufanele yini umphefumulo wami uziphindiselele esizweni esinjengalesi?+ 10  Ngiyophakamisa ukukhala nesililo ngenxa yezintaba,+ nengoma yokulila ngenxa yamadlelo asehlane; ngoba ayobe eshisiwe+ kangangokuba akukho muntu odabulayo futhi ngokuqinisekile abantu ngeke bawuzwe umsindo wemfuyo.+ Kokubili isidalwa esindizayo samazulu nesilwane kuyobe kubalekile; kuyobe kuhambile.+ 11  Ngiyokwenza iJerusalema libe yinqwaba yamatshe,+ isikhundla sezimpungushe;+ nemizi yakwaJuda ngiyoyenza ibe yihlane eliyincithakalo, ingahlalwa muntu.+ 12  “Yimuphi umuntu ohlakaniphile ukuba akuqonde lokhu, ngisho nalowo umlomo kaJehova okhulumé naye, ukuba akulandise?+ Empeleni, kungani izwe kufanele lishabalale, lishiswe impela njengehlane kungabikho muntu odabulayo?”+ 13  UJehova wathi: “Ngenxa yokuthi bashiya umthetho wami engabanika wona ukuba ube phambi kwabo, nangenxa yokuthi abazange balilalele izwi lami futhi abazange bahambe ngalo,+ 14  kodwa baqhubeka belandela inkani yenhliziyo yabo+ belandela nemifanekiso yoBhali,+ oyise ababebafundisé yona;+ 15  ngakho-ke yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Bheka ngisenza ukuba sidle umhlonyane,+ lesi sizwe, futhi ngiyosenza ukuba siphuze amanzi anobuthi;+ 16  futhi ngiyosihlakazela ezizweni esingazange sizazi sona noyise,+ futhi ngiyothumela inkemba emva kwaso kuze kube yilapho sengisiqothulile.’+ 17  “Yilokhu uJehova wamabutho akushilo, ‘Ziphatheni ngokuqonda, nina bantu, nibize abesifazane abahaya ingoma yokulila,+ ukuba beze; nithumele ngisho nakwabesifazane abanekhono, ukuba beze,+ 18  ukuba basheshe futhi baphakamise isililo ngenxa yethu. Futhi kwangathi amehlo ethu angageleza izinyembezi namehlo ethu akhanyayo aconse amanzi.+ 19  Ngoba kuzwakale izwi lesililo eZiyoni:+ “Yeka indlela esiphangwé ngayo!+ Yeka indlela esizizwé sinamahloni ngayo! Ngoba silishiyile izwe; ngoba bazintshinge kude izindawo zethu zokuhlala.”+ 20  Kodwa yizwani nina besifazane, izwi likaJehova, futhi kwangathi indlebe yenu ingalamukela izwi lomlomo wakhe. Khona-ke fundisani amadodakazi enu isililo,+ yilowo nalowo wesifazane afundise umngane wakhe ingoma yokulila.+ 21  Ngoba ukufa kukhuphuke ngamafasitela ethu; kungené emibhoshongweni yethu yokuhlala, ukuze kunqume umntwana esitaladini, izinsizwa ezigcawini.’+ 22  “Khuluma, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: ‘Izidumbu zabantu kumelwe nazo ziwe njengomquba phezu kobuso bensimu nanjengohlu lokusanhlamvu okusanda kusikwa ngemva komvuni, kungekho muntu wokubutha.”’”+ 23  Yilokhu uJehova akushilo: “Umuntu ohlakaniphile makangazigabisi ngokuhlakanipha kwakhe,+ futhi indoda enamandla mayingazigabisi ngamandla ayo.+ Umuntu ocebile makangazigabisi ngengcebo yakhe.”+ 24  “Kodwa ozigabisayo makazigabise ngenxa yale nto kanye, ukuba nokuqondisisa+ nokuba nolwazi ngami, ukuthi nginguJehova,+ Lowo obonisa umusa wothando, ubulungisa, nokulunga emhlabeni;+ ngoba yilezi izinto engijabula ngazo,”+ kusho uJehova. 25  “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “futhi ngiyokwenza ukuba kulandise wonke umuntu osokile kodwa oqhubeka esekungasokini,+ 26  phezu kweGibhithe+ naphezu kukaJuda+ naphezu kuka-Edomi+ naphezu kwamadodana ka-Amoni+ naphezu kukaMowabi+ naphezu kwabo bonke labo abazinwele zabo zigundiwe ezinhlafunweni zabo abahlala ehlane;+ ngoba zonke izizwe azisokile, nayo yonke indlu ka-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”+

Imibhalo yaphansi