Jeremiya 15:1-21

15  UJehova wathi kimi: “Ngisho noma ngabe oMose+ noSamuweli+ bebemi phambi kwami, umphefumulo wami ubungeke ube kulesi sizwe.+ Besiyomukiswa ebusweni bami, ukuze siphume.+  Kuyothi uma kungenzeka sithi kuwe, ‘Siyophuma siyephi?’ uthi kuso, ‘Yilokhu uJehova akushilo: “Noma ngubani ongowesifo esibulalayo, makaye esifweni esibulalayo! Noma ngubani ongowenkemba, makaye enkembeni! Nanoma ngubani ongowendlala, makaye endlaleni!+ Noma ngubani ongowokuthunjwa, makaye ekuthunjweni!”’+  “‘Ngiyomisa imindeni emine phezu kwabo,’+ kusho uJehova, ‘inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izidalwa ezindizayo zamazulu+ nezilwane zomhlaba ukuba zidle futhi zichithe.  Futhi ngiyobanikela ukuba babe ngukuthuthumela kuyo yonke imibuso yomhlaba+ ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngenxa yalokho akwenza eJerusalema.+  Ngoba ngubani oyokubonisa ububele, Jerusalema, ngubani oyozwelana nawe,+ futhi ngubani oyophambukela ukubuza ngenhlalakahle yakho?’  “‘Wena ngokwakho ungilahlile,’+ kusho uJehova. ‘Uqhubeka uhlehla nyovane.+ Ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikuchithe.+ Ngikhathele ukudabuka.+  Ngizobahlunga ngemfoloko+ emasangweni ezwe. Ngokuqinisekile ngizobaphuca abantwana.+ Ngizobabhubhisa abantu bami, njengoba bengabuyanga ezindleleni zabo.+  Kimi, abafelokazi babo sebebaningi kakhulu kunesihlabathi sezilwandle. Ngizobalethela umphangi emini bebade,+ phezu kukanina, nensizwa. Ngizobehlisela ngokuzumayo ivuso neziphazamiso.+  Owesifazane obeletha abayisikhombisa ubunile; umphefumulo wakhe uye wazabalazela ukuphefumula.+ Ilanga lakhe lishoné kusesemini;+ liye laba namahloni futhi lazizwa lijabhile.’ ‘Insali yabo ngizoyinikela enkembeni phambi kwezitha zabo,’+ kusho uJehova.” 10  Maye kimi,+ mama, ngoba ungizele, ngiyindoda yokuxabana nendoda yombango nawo wonke umhlaba.+ Angitshelekisanga, futhi abangitshelekanga. Bonke bayangiqalekisa.+ 11  UJehova uthé: “Ngokuqinisekile ngiyokukhonza kube kuhle.+ Ngokuqinisekile ngiyokulamulela esitheni, ngesikhathi senhlekelele+ nangesikhathi sokucindezeleka.+ 12  Umuntu angayiphula yini insimbi ibe yizicucu, insimbi evela enyakatho, nethusi? 13  Iminotho yakho nengcebo yakho ngiyoyinikela ukuba iphangwe,+ hhayi ngentengo, kodwa ngenxa yazo zonke izono zakho, ngisho nakuzo zonke izindawo zakho.+ 14  Ngiyoyenza idlule kanye nezitha zakho iye ezweni ongalazi.+ Ngoba kokhelwe umlilo entukuthelweni yami.+ Wokhelelwe nina.” 15  Wena ngokwakho wazile.+ O Jehova, ngikhumbule+ futhi unginake ungiphindiselele kubashushisi bami.+ Ekwephuzeni kwakho ukuthukuthela ungangisusi.+ Qaphela ukuthwala kwami isihlamba ngenxa yakho.+ 16  Amazwi akho atholakala, ngawadla;+ izwi lakho kimi liba ngukwethaba+ nokujabula kwenhliziyo yami;+ ngoba igama lakho libizwé phezu kwami,+ Jehova Nkulunkulu wamabutho.+ 17  Angizange ngihlale phansi eqenjini elisondelene lalabo abantelayo+ futhi ngiqale ukwethaba.+ Ngenxa yesandla sakho ngihlalé ngedwa,+ ngoba ungigcwalisé ngamazwi okulahla.+ 18  Kungani ubuhlungu bami bubé obungapheliyo+ nomvimbo wami ubé ongelapheki?+ Wenqabile ukuphola. Ngokuqinisekile wena uba njengento ekhohlisayo kimi,+ njengamanzi azibonakalisé engenakuthenjelwa.+ 19  Ngakho-ke yilokhu uJehova akushilo: “Uma uzobuya, khona-ke ngizokubuyisa.+ Uzokuma phambi kwami.+ Futhi uma uzoveza okuyigugu ezintweni ezingasizi ngalutho, uzoba njengomlomo wami. Bona bayobuyela kuwe, kodwa wena ngeke ubuyele kubo.” 20  “Ngikwenzé waba udonga lwethusi oluqinile kulesi sizwe;+ ngokuqinisekile siyolwa nawe, kodwa ngeke sikunqobe.+ Ngoba nginawe, ukuze ngikusindise futhi ngikukhulule,”+ kusho uJehova. 21  “Ngizokukhulula esandleni sababi,+ futhi ngizokukhulula entendeni yabangomashiqela.”

Imibhalo yaphansi