Jeremiya 32:1-44
32 Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngonyaka weshumi kaZedekiya inkosi yakwaJuda,+ okungukuthi, ngonyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukhadirezari.+
2 Ngaleso sikhathi amabutho empi enkosi yaseBhabhiloni ayevimbezele iJerusalema;+ uJeremiya umprofethi yena, wayebanjiwe eseGcekeni Labaqaphi+ elisendlini yenkosi yakwaJuda;
3 ngoba uZedekiya inkosi yakwaJuda wayembambile,+ ethi:
“Kungani uprofetha,+ uthi, ‘Yilokhu uJehova akushilo: “Bheka nginikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhiloni, futhi ngokuqinisekile izowuthumba;+
4 noZedekiya, inkosi yakwaJuda, ngeke aphunyuke esandleni samaKhaledi, ngoba nakanjani uzonikelwa esandleni senkosi yaseBhabhiloni, futhi umlomo wakhe empeleni uzokhuluma nomlomo wayo, ngisho namehlo akhe abone amehlo ayo”’;+
5 ‘izoyisa uZedekiya eBhabhiloni, futhi uzoqhubeka elapho ngize ngimnake,’+ kusho uJehova; ‘nakuba nina madoda niqhubeka nilwa namaKhaledi, ngeke niphumelele’?”+
6 UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lifikile kimi, lithi,
7 ‘Bheka uHanameli indodana kaShalumi umfowabo kayihlo uyeza kuwe, ethi: “Zithengele insimu yami ese-Anathoti,+ ngoba ilungelo lokuyihlenga ngokuyithenga lingelakho.”’”+
8 Ngokuhamba kwesikhathi uHanameli indodana yomfowabo kababa wafika kimi, ngokwezwi likaJehova, eGcekeni Labaqaphi,+ wathi kimi: “Ngicela uthenge insimu yami ese-Anathoti,+ elisezweni lakwaBhenjamini,+ ngoba ilungelo lokuyithola njengefa lingelakho, futhi amandla okuyithenga kabusha angawakho. Zithengele yona.” Khona-ke ngazi ukuthi kwakuyizwi likaJehova.+
9 Ngakho-ke ngayithenga insimu eyayise-Anathoti+ kuHanameli+ indodana yomfowabo kababa. Ngamkalela imali,+ amashekeli ayisikhombisa nezinhlamvu zesiliva eziyishumi.
10 Khona-ke ngaloba itayitela+ nganamathisela uphawu+ futhi ngathatha ofakazi+ njengoba ngangikala+ imali esikalini.
11 Ngemva kwalokho ngalithatha itayitela lokuthenga, elalibekwe uphawu ngokomyalo neziqondiso,+ kanye nalelo elalishiywe livulekile;
12 khona-ke itayitela lokuthenga ngalinikeza uBharuki+ indodana kaNeriya+ indodana kaMaseya phambi kwamehlo kaHanameli indodana yomfowabo kababa naphambi kwamehlo ofakazi, labo ababhalayo etayiteleni lokuthenga,+ phambi kwamehlo awo wonke amaJuda ayehlezi eGcekeni Labaqaphi.+
13 Manje ngayala uBharuki phambi kwamehlo abo, ngathi:
14 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Njengoba uthatha la matayitela, leli tayitela lokuthenga, yebo leli elibekwe uphawu, naleli elinye itayitela elishiywe livulekile,+ kumelwe futhi uwafake esitsheni sobumba, ukuze ahlale izinsuku eziningi.’
15 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Kusazothengwa izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’”+
16 Ngaqala ukuthandaza+ kuJehova ngemva kokuba itayitela lokuthenga sengilinike uBharuki+ indodana kaNeriya,+ ngathi:
17 “Maye Nkosi EnguMbusi Jehova!+ Bheka wena ngokwakho wenze amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu+ nangengalo yakho eyeluliweyo.+ Yonke le ndaba ayiyona neze into emangalisa kakhulu kuwe,+
18 Wena obonisa umusa wothando ezinkulungwaneni,+ obuyisela isiphambeko soyise esifubeni samadodana abo ngemva kwabo,+ uNkulunkulu weqiniso, Omkhulu,+ Onamandla,+ onguJehova wamabutho+ igama lakhe,+
19 omkhulu ngeseluleko+ futhi onezenzo eziningi,+ wena omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantwana babantu,+ ukuze unike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nangokwezithelo zezenzo zakhe;+
20 wena owabeka izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibhithe kwehle kuze kube yilolu suku nakwa-Israyeli naphakathi kwabantu,+ ukuze uzenzele igama, njengakulolu suku.+
21 Wakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibhithe,+ ngezibonakaliso nangezimangaliso+ nangesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangokwesabeka okukhulu.+
22 “Ngokuhamba kwesikhathi wabanika leli zwe owafunga kokhokho babo ukubanika lona,+ izwe eligeleza ubisi noju.+
23 Bangena balithatha,+ kodwa abazange balilalele izwi lakho, futhi abazange bahambe+ ngomthetho wakho. Zonke izinto owabayala ukuba bazenze abazenzanga,+ waze wabehlisela yonke le nhlekelele.+
24 Bheka! Abantu beze namagoqo okuvimbezela+ kulo muzi ukuzowuthumba,+ wona kanye lo muzi ngokuqinisekile uzonikelwa esandleni samaKhaledi alwa nawo,+ ngenxa yenkemba+ nendlala+ nesifo esiwumshayabhuqe;+ futhi lokho okushilo kwenzekile, bheka uyakubona.+
25 Nokho wena ngokwakho, Nkosi EnguMbusi Jehova, uthé kimi, ‘Zithengele insimu ngemali+ futhi uthathe ofakazi,’+ nakuba lo muzi ngokwawo uzonikelwa esandleni samaKhaledi.”+
26 Kulokho izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:
27 “Bheka, nginguJehova, uNkulunkulu wayo yonke inyama.+ Ikhona yini indaba engaba emangalisa kakhulu kimi?+
28 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushilo, ‘Bheka nginikela lo muzi esandleni samaKhaledi nasesandleni sikaNebukhadirezari inkosi yaseBhabhiloni, futhi kumelwe awuthumbe.+
29 Futhi amaKhaledi alwa nalo muzi kumelwe angene okhele lo muzi ngomlilo futhi kumelwe awushise+ kanye nezindlu eziphezu kophahla abashunqisela uBhali kuzo umusi womhlatshelo futhi bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ngenjongo yokungicasula.’+
30 “‘Ngoba abantwana bakwa-Israyeli namadodana kaJuda abé ngabenzi bokubi nje kuphela emehlweni ami, kusukela ebusheni babo kuqhubeke;+ ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayangicasula nokungicasula ngomsebenzi wezandla zabo,’+ kusho uJehova.
31 ‘Ngoba lo muzi, kusukela osukwini abawakha ngalo, kuze kufike kulolu suku, ube yimbangela yentukuthelo nje kuphela kimi+ nembangela yokufutheka kimi, ukuze ngiwususe phambi kobuso bami,+
32 ngenxa yabo bonke ububi ababenzile abantwana bakwa-Israyeli+ nabantwana bakwaJuda+ ukuze bangicasule,+ bona, amakhosi abo,+ izikhulu zabo,+ abapristi babo+ nabaprofethi babo,+ nabantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema.
33 Futhi baqhubeka bephendulela kimi umhlane hhayi ubuso;+ nakuba babefundiswa, kuvukwa ekuseni futhi befundiswa, kodwa akekho noyedwa kubo owayelalela ukuba amukele isiyalo.+
34 Futhi babeka izinengiso zabo endlini igama lami siqu elibizwe phezu kwayo, ukuze bayingcolise.+
35 Ngaphezu kwalokho, bakha izindawo eziphakeme zikaBhali+ ezisesigodini sendodana kaHinomu,+ ukuze badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni+ kuMoleki,+ into engingazange ngibayale ngayo,+ futhi okungazange kufike enhliziyweni yami ukuyenza le nto enengekayo,+ ngenjongo yokonisa uJuda.’+
36 “Ngakho-ke, manje, yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushilo ngokuphathelene nalo muzi nina bantu enithi ngokuqinisekile uyonikelwa esandleni senkosi yaseBhabhiloni ngenkemba nangendlala nangesifo esiwumshayabhuqe,+
37 ‘Bhekani ngiyabaqoqa baphume kuwo wonke amazwe engiyobe ngibahlakazele kuwo ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami nangokucasuka okukhulu;+ futhi ngiyobabuyisela kule ndawo ngibenze bahlale ngokulondeka.+
38 Ngokuqinisekile bayoba ngabantu bami,+ nami ngokwami ngiyoba nguNkulunkulu wabo.+
39 Ngiyobanika inhliziyo eyodwa+ nendlela eyodwa ukuze bangesabe ngaso sonke isikhathi, kube kuhle kubo nakubantwana babo ngemva kwabo.+
40 Ngiyokwenza nabo isivumelwano esimi kuze kube nini nanini,+ sokuthi ngeke ngifulathele ngemva kwabo, ukuba ngibenzele okuhle;+ futhi ngiyofaka ukungesaba enhliziyweni yabo ukuze bangaphambuki kimi.+
41 Ngiyokwethaba ngabo ukuba ngibenzele okuhle,+ futhi ngiyobatshala kuleli zwe+ ngeqiniso ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.’”
42 “Ngoba yilokhu uJehova akushilo, ‘Njengoba nje ngilethé phezu kwalesi sizwe yonke le nhlekelele enkulu, kanjalo ngiletha phezu kwaso bonke lobu buhle engibukhulumayo ngokuphathelene naso.+
43 Ngokuqinisekile kuyothengwa amasimu kuleli zwe+ nina eniyobe nithi ngalo: “Liyihlane eliyincithakalo+ elingenamuntu nasilwane esifuywayo. Linikelwe esandleni samaKhaledi.”’+
44 “‘Abantu bayothenga amasimu ngemali, futhi kubhalwe etayiteleni+ kubekwe uphawu futhi kuthathwe nofakazi+ ezweni lakwaBhenjamini+ nasezindaweni ezizungeze iJerusalema+ nasemizini yakwaJuda+ nasemizini yesifunda sezintaba nasemizini yezwe elisezansi+ nasemizini yaseningizimu,+ ngoba ngiyozibuyisa izithunjwa zabo,’+ kusho uJehova.”