Dlulela kokuphakathi

Ocisha Imililo Usindisa Ukuphila Kwabantu Engekho Emsebenzini

Ocisha Imililo Usindisa Ukuphila Kwabantu Engekho Emsebenzini

NgeSonto, January 5, 2014, uSerge Gerardin wayehamba ngebhasi eya emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova ngaseParis, eFrance, lapho ebona ingozi enyantisa igazi. Uthi: “Imoto yashayisa udonga lukasimende olwaluvikele ibhuloho yabe isindiza emoyeni. Ngemva kwalokho, yashayisa ibhuloho kwagqamuka amalangabi, yawa yabheka phezulu.”

USerge usesebenze ukucisha imililo iminyaka engaphezu kwengu-40. Njengoba engukaputeni ethimbeni elicisha imililo wathatha isinyathelo esiwujuqu. Uyakhumbula: “Nakuba sasiphambana nale ngozi, ngacela umshayeli webhasi ukuba alimise, ngabe sengigijima ngibuyela emuva lapho kusha khona.” USerge wezwa abantu bememeza, abanye bethi “Ngisizeni! Ngisindiseni!” Uthi: “Ngangigqoke isudi nothayi, futhi ngangingenazo izinto zokuphepha. Kodwa lokho kumemeza kwangitshela ukuthi basekhona abantu abaphilayo abadinga usizo!”

USerge wazungeza imoto futhi wabona omunye owayegibele kuleyo moto edidekile, wamyisa endaweni ephephile. USerge uthi “Wangitshela ukuthi kukhona abanye ababili abasemotweni. Ngaleso sikhathi zase ziziningi izimoto ezimile. Kodwa ngenxa yokushisa okukhulu namalangabi, abantu babengakwazi ukusondela.”

Abashayeli bamaloli abaningana beza nezicishamlilo zabo. USerge wabatshela ukuba bafuthe ngazo imoto eyayivutha ukuze bacishe lowo mlilo okwesikhashana. Ngandlela thile, umshayeli wayebambeke ngaphansi kwemoto. Ngakho uSerge nabanye ababekhona baphakamisa imoto futhi bakhipha umshayeli bamdonsela endaweni ephephile.

USerge uthi, “Kwaphinde kwagqamuka amalangabi! Kodwa omunye owayesemotweni wayesalenga ebanjwe yibhande lesihlalo. Kwabe sekufika omunye owayesebenza ukucisha imililo naye owayengekho emsebenzini, egqoke izimpahla zokugibela isithuthuthu. USerge uthi: “Ngamchazela ukuthi ngicabanga ukuthi imoto isizoqhuma, ngakho sanquma ukudonsa lona owayesasele ngengalo.” Kungakabiphi, yaqhuma.

Lapho kufika ithimba elicisha imililo nabezempilo, baqhubeka benakekela laba bantu futhi bacisha umlilo. USerge wathola usizo lokuqala ngenxa yokusikeka nokusha ezandleni. Njengoba esegibela ibhasi eya emhlanganweni, amadoda athile agijima aya kuSerge ambonga.

USerge uyajabula ngokuthi waba khona ukuze asize. Uthi: “Ngazizwa ngibophekile kuJehova, uNkulunkulu wami, ngokuphila kwalabaya bantu. Okunginika ukwaneliseka ukuthi ngakwazi ukubasindisa.”