Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bayisebenzisa Kanjani Iminikelo?

OFakazi BakaJehova Bayisebenzisa Kanjani Iminikelo?

 Sisebenzisa iminikelo ukuze sisekele imisebenzi yenkolo neyenhlalakahle eyenziwa inhlangano yethu. Le misebenzi siyenza njengengxenye yomgomo wethu oyinhloko, owukusiza abantu babe ngabalandeli bakaKristu Jesu.—Mathewu 28:19, 20.

 Asilokothi sisebenzise iminikelo ukuze senze othile acebe. Asibakhokheli abadala noma izinceku, futhi oFakazi bakaJehova abakhokhelwa ngokushumayela endlini ngendlu. Labo abakhonza emahhovisi ethu amagatsha kanye nasendlunkulu yethu yomhlaba wonke, kuhlanganise nalabo abakha iNdikimba Ebusayo, bayingxenye yenhlangano engakhokhelwa.

Izibonelo Zemisebenzi Yethu

  •   Ukunyathelisa: Siyahumusha, sinyathelise, sikhiqize futhi sisakaze izigidigidi zamaBhayibheli kuhlanganise nezinye izincwadi zobuKristu unyaka nonyaka, futhi akekho okhokhiswayo ngokuthola lezi zincwadi. Ngendlela efanayo, i-jw.org ne-JW Library yenza izincwadi zethu zitholakale kwezobuchwepheshe mahhala futhi azikho izikhangiso zokwenza imali.

  •   Ukwakha Nokunakekela Izakhiwo: Sakha futhi sinakekele izakhiwo zethu zokukhulekela emhlabeni wonke ukuze amabandla ethu abe nezindawo ezifanelekayo zokuhlangana ndawonye futhi adumise uNkulunkulu. Senza okufanayo ngamahhovisi egatsha kanye namahhovisi okuhumusha. Umsebenzi omningi wenziwa amavolontiya, okusiza ukuba izindleko zingabi ziningi uma kwakhiwa noma kunakekelwa izakhiwo.

  •   Umnyango Wokuqondisa: Imisebenzi eyenziwa endlunkulu yethu yomhlaba wonke, emahhovisi amagatsha kanye nasemahhovisi okuhumusha, kuhlanganise nemisebenzi eyenziwa yilabo abakhonza njengezithunywa zevangeli, isekelwa ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke esiyitholayo.

  •   Ukushumayela: OFakazi abakhokhelwa ngokushumayela izindaba ezinhle noma ngokufundisa abanye ‘izwi likaNkulunkulu.’ (2 Korinte 2:17) Noma kunjalo, njengakumaKristu angekhulu lokuqala, izikhonzi ezithile ezikhethiwe neziqeqeshiwe ezichitha isikhathi sazo esiningi emsebenzini yokushumayela, zisekelwa ngezindawo ezikahle zokuhlala kanye nezinto eziyisidingo zokuphila.—Filipi 4:16, 17; 1 Thimothewu 5:17, 18.

  •   Ukufundisa: Imihlangano yethu yesigodi neyesifunda isekelwa ngeminikelo. Ngaphezu kwalokho, sikhiqiza okulalelwayo okusekelwe eBhayibhelini kanye nezinhlelo zamavidiyo. Siqhuba nezikole eziqeqesha abadala nezikhonzi zesikhathi esigcwele ukuze zikwazi ukuphumelela kakhudlwana ezabelweni zazo.

  •   Ukusiza Ezinhlekeleleni: Sibapha ukudla, amanzi nezindawo zokuhlala labo abehlelwe izinhlekelele zemvelo noma izinhlekelele ezibangelwa abantu. Le msebenzi yenhlalakahle ayigcini ngokuzuzisa ‘labo abahlobene nathi okholweni’ kodwa izuzisa nalabo abangebona oFakazi.—Galathiya 6:10.