Izindaba Zomhlaba Wonke
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #6
Kulo mbiko, sizoxoxa ngendlela esesibheka ngayo izingxenye eziyinhloko zegazi. Le vidiyo nesihloko esihambisana nayo esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kanye neshadi sekukhululiwe ngesiNgisi. Le vidiyo, isihloko esihambisana nayo neshadi kuzotholakala maduzane nangezinye izilimi.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #5
Kulo mbiko, sizoxoxa ngokuthi kungani kumele sizondle ngokomoya usuku nosuku. Sizophinde sixoxe ngezinto ezikhuthazayo esizozenza enkonzweni yasensimini.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #4
Kulo mbiko sizonixoxela ngemibiko ekhuthazayo ngokuphathelene nokuvakashelwa kwamagatsha muva nje ukuze akhuthazwe. Sizophinde sinixoxele ngezinqumo zenkantolo ezithinta inhlangano yethu yoFakazi BakaJehova eNorway naseSweden.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #3
Kulo mbiko, sizoxoxa ngokukhuthazela kwabafowethu nodadewethu eRussia kusukela kwavinjwa umsebenzi wethu eminyakeni engu-9 edlule. Sizomemezela nokukhululwa kweSiqephu 4, 5 no-6 zedrama ethi Izindaba Ezinhle NgokukaJesu.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #2
Kulo mbiko, sizoyiqonda kangcono indlela imiBhalo engasiza ngayo izinceku zikaJehova ukuze zinqume ukuthi zizolisebenzisa kanjani igazi lazo phakathi nokwelashwa noma lapho zihlinzwa.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2026 #1
Kulo mbiko, sizoxoxa ngesiqondiso esithuthukisiwe sokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo sisebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #8
Kulo mbiko, sizonixoxela ngendlela abafowethu nodadewethu abayijabulela ngayo idrama ethi Izindaba Ezinhle NgokukaJesu.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #7
Kulo mbiko, sizokwethula Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-2025 sizophinde sibone nendlela uJehova awubusise ngayo umsebenzi wethu emhlabeni wonke.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #6
Kulo mbiko, sizozwa ngombhalo wonyaka ka-2026 nengoma entsha eqanjiwe.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #5
Kulo mbiko, sizoxoxa ngezimiso ezingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile ngokuphathelene nemfundo eyengeziwe.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #4
Kulo mbiko, sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile ngokuphathelene nezimpawu namasiko.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #3
Kulo mbiko, sizoxoxa ngendlela esingahlela ngayo ukwenzela uJehova okwengeziwe phakathi nezinyanga ezimbalwa ezilandelayo.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #2
Kulo mbiko, sizoxoxa ngemizamo esiyenzile ukuze sisize abafowethu nodadewethu bafunde ukufunda nokubhala kahle, sixoxe nangokuthula esikuthola ngenxa yesihlengo sikaJesu. Sizophinde sikhulule ingoma entsha esizoyicula emhlanganweni wesifunda ka-2025.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2025 #1
Kulo mbiko, sizobona ukuthi singawasebenzisa kanjani “Amaqiniso Esithanda Ukuwafundisa” atholakala esithasiselweni A sencwajana ethi Thanda Abantu—Wenze Abafundi. Ukufunda la maqiniso kuzosenza sibe nezingxoxo ezijabulisayo enkonzweni.
Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2024 #8
Kulo mbiko, sizoxoxa ngendlela okufanele sibaphathe ngayo abafowethu nodadewethu esibabona kumavidiyo ethu.

