Dlulela kokuphakathi

SEPTEMBER 29, 2020
E-AZERBAIJAN

INkantolo Yase-Yurophu Yamalungelo Abantu Ikhiphe Izinqumo Ezimbili Ezivuna OFakazi BakaJehova E-Azerbaijan

INkantolo Yase-Yurophu Yamalungelo Abantu Ikhiphe Izinqumo Ezimbili Ezivuna OFakazi BakaJehova E-Azerbaijan

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) ikhiphe izinqumo ezimbili ezibalulekile ezivuna oFakazi bakaJehova e-Azerbaijan ngoSepthemba 24, 2020. Isinqumo sokuqala siphathelene necala elibandakanya u-Valiyev Nabanye nohulumeni wase-Azerbaijan, bese kuthi elesibili libe phakathi KweNkolo YoFakazi BakaJehova nohulumeni wase-Azerbaijan. Lezi zinqumo ziqinisa ukuvikelwa ngokomthetho kwamalungelo abafowethu okuba baqhube ukukhulekela kwabo ngenkululeko.

Kuwo womabili la macala, i-Azerbaijan ivumile ukuthi ayizange iwahloniphe amalungelo abafowethu. Uhulumeni uvumile nokukhipha imali eyisinxephezelo efinyelela kuma-euro angu-19 000 ($22,146 U.S.). Isinqumo se-ECHR sivumelana nenkantolo ngokuthola kwayo umbuso unecala.

UMfoweth’ uValiyev uqhuba umhlangano ekhaya lomzalwane

Icala elithi Valiyev Nabanye nohulumeni wase-Azerbaijan, eladluliselwa kuyi-ECHR ngo-2011, lalibandakanya abafowethu basedolobheni laseGanja. Kwaphela iminyaka eminingi iziphathimandla zaseGanja zenqaba ukuba inhlangano yethu ibhaliswe ngokomthetho. Ngenxa yalokho, amaphoyisa ayenomkhuba wokungena emihlanganweni yethu yenkolo enokuthula azophazamisa, abophe bonke abasuke bekhona bese ehlawulisa abanye imali enkulu kulabo abasuke bekulowo mhlangano. Omunye umfowethu wayelahlwa ngecala ngokuphindaphindiwe bese ehlawuliswa, okwenza wagcina esekhokhe imali efinyelela kumaManats ase-Azerbaijani angu-9 450 (eyayilingana no-$11 375 U.S. ngaleso sikhathi). Abanye abafowethu nodadewethu baboshwa ngoba bengenayo imali yenhlawulo emba eqolo eyayifuneka.

Ngo-2013, abafowethu badlulisela icala lesibili, iNkolo YoFakazi BakaJehova nohulumeni wase-Azerbaijan, kuyi-ECHR ngenxa yokuthi i-Azerbaijan yanciphisa inani lezincwadi ezingangena ezweni lakhona zivela ngaphandle.

Nakuba uhulumeni engakababhalisi ngokomthetho eGanja, nokho isimo sesingcono kakhulu. Eminyakeni yamuva nje, abazalwane bethu baye baba nemihlangano ngamaqembu amancane emakhaya abo ngaphandle kokukhathazwa uhulumeli. Ngaphezu kwalokho, nakuba izincwadi kumelwe zihlolwe iziphathimandla ngaphambi kokuba zivunyelwe ezweni, uhulumeni uye wabavumela abafowethu ukuba bangenise ezanele.

Umfoweth’ uKiril Stepanov, osiza eHhovisi Lokwazisa Umphakathi loFakazi BakaJehova base-Azerbaijan, uphawule wathi: “Sethemba ukuthi lesi sinqumo esibalulekile se-ECHR sizosheshisa inqubo yokubhaliswa eGanja nakwamanye amadolobha e-Azerbaijan. Sinethemba lokuthi ukuhlolwa kwezincwadi zethu iziphathimandla ngaphambi kokuba zivunyelwe ezweni, nakho kuzonqamuka.”

Siyambonga uJehova ngokusekela kwakhe. Lezi zinqumo zomthetho ezisivunayo zingobunye ubufakazi bokuthi ‘asikho isikhali esenzelwe ukulwa nabantu bakaNkulunkulu esiyoke siphumelele.’—Isaya 54:17.