Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikilasi liyaqhubeka eSikoleni SaseGileyadi ngo-2017

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

ISikole SaseGileyadi—Sinegalelo Emhlabeni Wonke

ISikole SaseGileyadi—Sinegalelo Emhlabeni Wonke

DISEMBA 1, 2020

 Unyaka nonyaka, izikhonzi ezisenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele eziningana ezivela emhlabeni jikelele ziyamenywa ukuba zizoqeqeshwa eSikoleni SaseGileyadi, esiqhutshelwa eWatchtower Educational Center esePatterson, eNew York. a Kulesi sikole, abafundi bayaqeqeshwa ukuze baphumelele kakhudlwana ezabelweni zabo ezihlukahlukene enhlanganweni kaJehova. Lokhu kuqeqeshwa kuyabasiza bakwazi ukuqinisa amabandla namahhovisi amagatsha emhlabeni wonke.

 IGileyadi iyisikole somhlaba wonke ngempela. Ngokwesibonelo, ikilasi lika-147, elaba ngo-2019, lalinabafundi abangu-56, abavela emazweni angu-29. Abafundi abeza eSikoleni saseGileyadi basuke besemkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele ekhethekile, abanye basuke bekhonza eBethel, bengababonisi bezigodi, izithunywa zevangeli noma amaphayona akhethekile.

 Ukulungiselela lesi sikole kuqala kusasele isikhathi eside ngaphambi kwekilasi lokuqala eliqhutshwayo. Ngokwesibonelo, uMnyango Wezokuthutha waseNdlunkulu Yomhlaba Wonke (WHQ Travel) uthengela labo abamenyiwe ukuba beze esikoleni amathikithi ezindiza. Ngokuqondene nekilasi lika-147 laseGileyadi, izindleko zokuletha umfundi ngamunye ePatterson ovela kwelinye izwe nokumbuyisela emuva zazilinganiselwa ku-R16 393,001. Abafundi abavela eSolomon Islands kwadingeka bagibele izindiza ezine ukuze bafike ePatterson kanti lapho sebebuyela emuva kwadingeka ezintathu—selilonke ibanga abalihamba lalingamakhilomitha angu-35 400! Lezo zindiza sezizonke zabiza imali engu-R35 073,39 umfundi ngamunye. Ukuze kongiwe imali, iWHQ Travel isebenzisa uhlelo lwekhompyutha lokuthenga amathikithi olucinga amathikithi anamanani aphansi. Ngisho nangemva kokuba selitholakele ithikithi elinamanani aphansi, lolu hlelo lwekhompyutha luyaqhubeka nokuhlola kuze kuphele amaviki ambalwa noma ngisho nezinyanga ukuthi awekho yini amanani ehlisiwe. I-WHQ Travel isebenzisa namavawusha ukuze ithenge amathikithi.

 Abafundi abaningi badinga ama-visa ukuze bakwazi ukuza e-United States. Ukuze bakwazi ukuwathola, uMnyango Wezomthetho WaseNdlunkulu Yomhlaba Wonke uyabasiza abafundi bathole lawo ma-visa. Ama-visa nokubhalisela ukuyithola kubiza uR7 777,14 umfundi emunye.

 Sizuza kanjani ekuqeqeshweni okutholwa yilaba bafundi? UHendra Gunawan ungumdala ebandleni laseNingizimu-mpumalanga ye-Asia. Ebandleni akhonza kulo kunabashadikazi abathweswa iziqu esikoleni saseGileyadi. Uthi: “Esikhathini esidlule, ibandla lethu lalingenawo amaphayona avamile. Kodwa ngemva kokufika kwabathweswe iziqu, intshiseko yabo nomoya wabo ovumayo kwathelela nabanye, nabo abanquma ukuba amaphayona. Kamuva, omunye udadewethu ebandleni lethu waze waya ngisho naseSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso!”

 USergio Panjaitan usebenzelana nabathweswe iziqu eGileyadi eBethel eNingizimu-mpumalanga ye-Asia. Uthi: “Ukuqeqeshwa abakuthola akugcinanga ngokuba yisibusiso kubo kuphela; kube yisibusiso nakithi. Kuningi abakufunda! Kodwa kunokuba bazame ukuvelela ngenxa yalokho, baludlulisela nakwabanye ulwazi abalutholile. Lokhu kuyasikhuthaza, bese nathi sikhuthaza abanye.”

 Zikhokhelwa kanjani izindleko zalesi sikole? Ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke, eminingi yayo eyenziwa kusetshenziswa indlela yokunikela ku-donate.jw.org. Siyabonga ngeminikelo yenu, esekela lesi sikole esinabafundi abavela emhlabeni jikelele.

a Imfundo enikezwa kulesi sikole ihlelwa uMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini, ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Kulesi sikole kufundisa othisha abakhonza kuwo lo mnyango kanye nabanye othisha abamenywayo, kuhlanganise namalungu eNdikimba Ebusayo.