Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngezimali?
Umsebenzi wethu wokushumayela usekelwa ikakhulu ngeminikelo yokuzithandela yoFakazi BakaJehova. Akuthathwa nkongozelo emihlanganweni yethu, futhi akulindelekile ukuba sikhiphe okweshumi. (Mathewu 10:7, 8) Kunalokho, kunamabhokisi eminikelo ezindaweni esihlanganela kuzo ukuze uma kukhona ofisa ukunikela anikele kuwo. Amagama alabo abanikelayo awabhalwa phansi.
Esinye sezizathu esenza sikwazi ukukhokha izindleko zethu ukuthi asinabo abefundisi abakhokhelwayo. Ngaphezu kwalokho, oFakazi abakhokhelwa ngokushumayela endlini ngendlu, futhi izindawo zethu zokukhulekela azibona ubukhazikhazi.
Noma imiphi iminikelo eyiswa emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova isetshenziselwa ukusiza labo ababhekana nezinhlekelele zemvelo, ukusekela izithunywa zevangeli nezikhonzi ezijikelezayo, ukwakha izindawo zokukhulekela emazweni antulayo, ukunyathelisa nokuthutha amaBhayibheli nezinye izincwadi zobuKristu.
Umuntu ngamunye uyazinqumela ukuthi uyafuna yini ukunikelela izindleko zebandla, umsebenzi wethu womhlaba wonke, noma kokubili. Wonke amabandla akhipha umbiko wezimali nyanga zonke ukuze kwaziswe amalungu ebandla.