INQABAYOKULINDA—EFUNDWAYO Febhuwari 2013
Lo magazini ukhuluma ngefa elikhethekile esinalo njengabantu bakaJehova. Thola nokuthi singahlala kanjani esivikelweni sikaJehova.
Leli Yifa Lethu Elingokomoya
Julisa ukwazisa kwakho ifa lethu elingokomoya ngokubukeza lokho uJehova akwenzele isintu nabantu bakhe.
Uyalazisa Yini Ifa Lethu Elingokomoya?
Ukwazi nokwazisa ifa lethu elingokomoya kungakusiza ukuba uzimisele ukugcina ubuqotho bakho kuNkulunkulu.
AbaQaphi Bombusi Banikezwa Ubufakazi
UPawulu wasebenzisa wonke amathuba okuze afakaze. Bona indlela isibonelo sakhe esingakukhuthaza ngayo namuhla ukuba wenze okufanayo.
Hlala Esigodini SikaJehova Sesivikelo
Siyini isigodi sesivikelo futhi abakhulekeli bakaJehova bangasithola kanjani isivikelo lapho?
Qapha Izinhloso Zenhliziyo
Ngezinye izikhathi inhliziyo yethu iye izame ukuthethelela inkambo ethile engalungile. Yini engasisiza sazi ukuthi lokho ngempela okusenhliziyweni yethu?
Ungavumeli Lutho Lukuvimbe Ukuba Ubambe Inkazimulo
Ungayithola kanjani inkazimulo evela kuNkulunkulu? Ungavinjwa yini ukuba uyibambe?
WayengowakwaKayafase
Ukutholakala kwebhokisi lamathambo kaMiriyamu kunikeza ubufakazi bokuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abaphila ngempela ababezalwa emindenini engokoqobo.
EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU
Yafika Ngesikhathi Futhi “Ayisoze Yalibaleka”
Thola indlela i-“Creation Drama” entsha eyasiza ngayo oFakazi eJalimane ukuba babhekane novivinyo lokholo phakathi neMpi Yezwe II.

