Privacy Settings

To provide you with the best possible experience, we use cookies and similar technologies. Some cookies are necessary to make our website work and cannot be refused. You can accept or decline the use of additional cookies, which we use only to improve your experience. None of this data will ever be sold or used for marketing. To learn more, read the Global Policy on Use of Cookies and Similar Technologies. You can customize your settings at any time by going to Privacy Settings.

Ukwethula Uhlelo Lukamagazini WesiNgisi Esenziwe Lula

Ukwethula Uhlelo Lukamagazini WesiNgisi Esenziwe Lula

Ukwethula Uhlelo Lukamagazini WesiNgisi Esenziwe Lula

SIYAJABULA ukunazisa ukuthi nyanga zonke sekuzonyatheliswa nohlelo lukamagazini wesiNgisi esenziwe lula kusukela kulo magazini we-Nqabayokulinda efundwayo. Lokhu kuzozanywa unyaka owodwa ukuze kubonakale ukuthi uyazuzisa yini. Lo magazini uzoba nezihloko ezifundwayo futhi uma isikhala sivuma, kuzofakwa nezihloko eziseceleni ezikhethiwe. Sikholelwa ukuthi lokhu kuyokwanelisa isidingo esingokomoya esibaluleke kakhulu soFakazi BakaJehova abaningi. Kungani?

IsiNgisi siwulimi olusetshenziswa kakhulu abafowethu emazweni anjengeFiji, iGhana, iKenya, iLiberia, iNigeria, iPapua New Guinea nelaseSolomon Islands. Nakuba abafowethu bakula mazwe bezikhuluma ezinye izilimi zendawo, bavame ukusebenzisa isiNgisi nsuku zonke emihlanganweni yebandla nasensimini. Nokho, isiNgisi abasisebenzisayo silula kunaleso esisetshenziswa ezincwadini zethu. Kunabanye futhi abantu bakaJehova abaye bathuthela emazweni lapho kumelwe basebenzise khona isiNgisi ngisho noma isiNgisi sabo silinganiselwe. Ngaphezu kwalokho, abakwazi ukuya emihlanganweni yebandla eqhutshwa ngolimi abaluncela.

Izihloko esizifunda isonto ngalinye eSifundweni Se-Nqabayokulinda ziyindlela eyinhloko yokusigcina sondlekile ngokudla okungokomoya okufika ngesikhathi. Ngakho-ke, ukuze sisize bonke abakhona ukuba bazuze ngokugcwele kulokhu kwaziswa, lolu hlelo lukamagazini wesiNgisi esenziwe lula lusebenzisa amagama aqondakala kalula nohlelo lolimi nolwemisho olwenziwe lwaba lula. Lo magazini omusha uzoba nesembozo esihlukile. Izihlokwana, izigaba, imibuzo yokubukeza nezithombe ezihlokweni ezifundwayo zizofana nalezo zikamagazini ovamile. Ngaleyo ndlela, bonke bayokwazi ukulandela futhi bahlanganyele eSifundweni Se-Nqabayokulinda kungakhathaliseki ukuthi baphethe luphi uhlelo. Ukubonisa umehluko owenziwe endleleni imisho ebhalwe ngayo kulabo magazini ababili, ngezansi sinikeze isibonelo esithathwe esigabeni sesibili sesihloko sokuqala esifundwayo sikamagazini wale nyanga.

Sethemba ukuthi leli lungiselelo elisha lizoba yimpendulo yemithandazo yabaningi abaye bathi kuJehova: “Ngenze ngiqonde, ukuze ngifunde imiyalo yakho.” (IHu. 119:73) Siyaqiniseka ukuthi labo abanolwazi olulinganiselwe lwesiNgisi, kuhlanganise nezinye izingane ezikhuluma isiNgisi, sebezokwazi ukusilungiselela kangcono iSifundo Se-Nqabayokulinda sesonto ngalinye. Sibonga uJehova othe ‘ngokuthanda bonke abazalwane,’ wasebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuze ilungiselele inala yokudla okungokomoya.—1 Pet. 2:17; Math. 24:45.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova