Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isaziso Esikhethekile

Isaziso Esikhethekile

Isaziso Esikhethekile

EKUPHETHENI komhlangano waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania ngo-October 7, 2000, usihlalo, uJohn E. Barr weNdikimba Ebusayo, wenza isaziso esikhethekile. Lesi saziso sasakhela ezinkulumweni ezazandulele zangalolo suku zikaTheodore Jaracz noDaniel Sydlik.—Bheka amakhasi 12-16 no-28-31 kulo magazini.

Eveza iphuzu elibaluleke kakhulu, uMfoweth’ uBarr wathi: “‘Isigqila esikholekile nesiqondayo’ neNdikimba yaso Ebusayo baphathiswe izithakazelo ezisabalele kakhulu kunalezo ezinikezwa izinhlangano ezingokomthetho. Imigomo yomthetho-sisekelo wenhlangano ngayinye enjalo ilinganiselwe. Nokho, iNkosi yethu, uJesu Kristu, iye yamisa isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo phezu kwakho konke ‘okungokwayo,’ noma izithakazelo zoMbuso lapha emhlabeni.”—Mathewu 24:45-47.

Ekhuluma ngenhlangano yasePennsylvania, uMfoweth’ uBarr wanezela: “Kusukela yamiswa ngo-1884, i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania iye yafeza indima ebalulekile emlandweni wethu wanamuhla. Noma kunjalo, imane iyithuluzi elingokomthetho elisetshenziswa ‘yisigqila esikholekile nesiqondayo’ lapho kudingeka.”

Ezinkulumweni zabo, uMfoweth’ uSydlik noJaracz babechazile ukuthi ukuphathiswa ‘kwesigqila esikholekile nesiqondayo’ konke okungokweNkosi emhlabeni akusivimbi lesi sigaba sesigqila ekuvumeleni amadoda afanelekayo aphakathi ‘kwezinye izimvu’ ukuba anakekele imithwalo ethile yokwengamela evamile. (Johane 10:16) Futhi akukho sizathu esingokomBhalo sokufuna ukuba bonke noma abanye babaqondisi bezinhlangano ezingokomthetho ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova babe ngamaKristu agcotshiwe.

UMfoweth’ uBarr watshela izilaleli ukuthi muva nje amalungu athile eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova abekade engabaqondisi nezikhulu aye ahoxa ngokuzithandela emabhodini abaqondisi azo zonke izinhlangano ezisetshenziswa “yisigqila esikholekile nesiqondayo” e-United States. Ezikhundleni zawo kuye kwakhethwa abazalwane abanokwethenjelwa besigaba sezinye izimvu.

Lesi sinqumo siyazuzisa ngempela. Sivumela amalungu eNdikimba Ebusayo ukuba asebenzise isikhathi esengeziwe ekulungiseleleni ukudla okungokomoya nasekunakekeleni izidingo zobuzalwane bomhlaba wonke ngezinye izindlela.

Ekuphetheni, usihlalo watshela izilaleli ezazijabule: “Nakuba imithwalo ehlukahlukene engokomthetho neyokwengamela iye yabelwa ababonisi abanokuhlangenwe nakho, . . . bonke bakhonza ngaphansi kokuqondisa okungokomoya kweNdikimba Ebusayo. . . . Sonke sinciké kuJehova ngomthandazo ukuba abusise imizamo yethu yobunye ekwenzeni intando yakhe, kube udumo nenkazimulo egameni lakhe elikhulu.”