PHAPHAMA! No. 3 2019 | IBhayibheli Lingakuthuthukisa Yini Ukuphila Kwakho?

Sekuyiminyaka iBhayibheli lisiza abantu ukuba baphile ukuphila okungcono. Ungazuza emacebisweni alo asebenzayo ekuphileni kwansuku zonke.

Incwadi Yasendulo Esewusizo Nanamuhla

Cabanga ngalokho abantu abakushoyo ngendlela iBhayibheli elibasize ngayo ekuphileni kwabo, lapho belifunda futhi besebenzisa nezeluleko zalo.

Indlela Yokunakekela Impilo Yakho

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sinakekele impilo yethu.

Indlela Yokunakekela Imizwelo Yakho

Siyazuza ngokuzama ukulawula imizwa yethu.

Ukuphila Komndeni Nabangane

Singaba nobuhlobo obuhle nabanye uma sigxila kulokho esingabenzela kona kunalokho abangasenzela kona.

Indlela Yokuphatha Imali

Lokho okushiwo iBhayibheli kungakusiza kanjani ukuba unciphise izinkinga zemali?

Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu

Imithetho kaNkulunkulu nalokho okushiwo yiBhayibheli kungathuthukisa ubuhlobo bakho naye. Thola ukuthi kanjani.

Incwadi Ewusizo Kakhulu Emlandweni

Amanani abonisa ukuthi iBhayibheli liyincwadi ehunyushwe futhi yasakazwa kabanzi kunazo zonkeIBhayibheli liye lafinyelela futhi lasiza abantu abaningi kunanoma iyiphi enye incwadi. Cabanga ngamanye amanani okuhunyushwa nokusakazwa kweBhayibheli.

Kulo Magazini we-Phaphama!: Ibhayibheli Lingakuthuthukisa Yini Ukuphila Kwakho?

IBhayibheli linezeluleko eziwusizo ekuphileni kwansuku zonke.