IZINGOMA EZIQANJIWE

Uthando Lobuzalwane

IsiZulu
Uthando Lobuzalwane
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/1014254/univ/art/1014254_univ_sqr_xl.jpg

Uthando Lobuzalwane

Uthando Lobuzalwane
  1. 1. Nom’ ungayaphi, uyothol’ umndeni.

    Ngoba bantu bakaJehova, bayonk’ indawo.

    Uyozw’ uthando

    Loqobo,

    Lobuzalwane.

    Zizw’ uthandwa.

  2. 2. Abazalwane bomhlaba wonke, bamunye noJah balandel’ uKristu

    Ngok’thandana​—

    Bayizizwe,

    Ez’thandanayo.

    Zizw’ uthandwa.

    (CHORUS)

    Usinakekela sonke​—

    Ubaba wethu.

  3. 3. Emaphandleni, ezintabeni,

    Emadolobheni, nom’ eziqhingini,

    Kusekhaya.

    Ungowesizwe s’kaJehova.

    Zizw’ uthandwa.

    (CHORUS)

    Usinakekela sonke​—

    Ungubaba wethu.

    (BRIDGE)

    Kunzim’ ukuphil’ ezweni​—

    Kuyinselele ngempela.

    Yek’ ubumnandi bokwaz’ uJah

    Nokwazi abantu bakhe!

  4. 4. UJesu wathi masithandane.

    Izigidi zikhombis’ uthando l’kaJah

    Njengesizwe​—

    Qin’seka ungomunye wabo.

    Zizw’ uthandwa.

    Zizw’ uthandwa.