Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Sebenzisa Amathuluzi Okucwaninga

Sebenzisa Amathuluzi Okucwaninga

UJehova usinikeza amathuluzi asisiza ukuba sifundise ngekhono anjengamavidiyo, amapheshana, omagazini, izincwajana, izincwadi kanye nethuluzi lethu eliyinhloko, iBhayibheli. (2Ti 3:16) Usinikeza namathuluzi okucwaninga angasisiza sichaze imiBhalo. La mathuluzi ahlanganisa i-Watchtower Library, i-JW Library®, i-ONLINE LIBRARY™ YeBhayibheli neNcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova.

Uyothola injabulo uma uwasebenzisa wonke amathuluzi atholakalayo ukuze umbe ujule lapho ufuna ingcebo eseBhayibhelini. Qiniseka ukuthi uyabaqeqesha obafundelayo ukuthi asetshenziswa kanjani la mathuluzi. Nabo bayojabula lapho bethola izimpendulo zemibuzo yabo eBhayibhelini.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAMUKELA USIZO LUKAJEHOVA UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI​—SEBENZISA AMATHULUZI OKUFUNDISA, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UMbali wayenamuphi umbono ngokuphathelene nendalo?

  • UNonto walwenza kuphi ucwaningo?

  • Kuyasijabulisa ukuthola ingcebo engokomoya nokuxoxela abanye ngayo

    Wazikhetha kanjani izihloko ezingasiza uMbali?

  • Ukusebenzisa amathuluzi okucwaninga kwamsiza kanjani uNonto?