Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 22-26

“Qeqesha Umntwana Ngokwendlela Emfanele”

“Qeqesha Umntwana Ngokwendlela Emfanele”

IzAga ziqukethe amacebiso awusizo kubazali. Njengoba nje ukugoba isihlahla esisesincane kuba nomthelela endleleni esikhula ngayo, izingane eziqeqeshwe kahle ziyothambekela kakhudlwana ekukhonzeni uJehova lapho sezikhulile.

22:6

  • Ukuqeqesha izingane ngendlela efanele kuthatha isikhathi esiningi nokuzikhandla

  • Abazali kumelwe babe yisibonelo esihle futhi izingane zabo kumelwe baziqondise, bazikhuthaze futhi baziyale ngokucophelela

22:15

  • Isiyalo siyindlela yokuqeqesha ebonisa uthando neqondisa inhliziyo kanye nengqondo yengane

  • Izingane zidinga ukuyalwa ngezindlela ezihlukahlukene