Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izifundo Esizithola Encwadini KaJona

Izifundo Esizithola Encwadini KaJona

UJehova usigcinele izindaba zokuphila kwamadoda nabesifazane bokholo eZwini lakhe ukuze asifundise izifundo ezibalulekile. (Ro 15:4) Yini oyifunde encwadini kaJona? Bukela ividiyo ethi Ukukhulekela Komkhaya: UJona—Ukufunda Emseni KaJehova, bese uphendula imibuzo elandelayo:

  • Kule vidiyo, iziphi izinselele abamemezeli abathathu ababhekane nazo?

  • Incwadi kaJona ingasikhuthaza kanjani lapho siye sathola isiyalo noma salahlekelwa amalungelo enkonzo? (1Sam 16:7; Jona 3:1, 2)

  • Incwadi kaJona ingasisiza kanjani ukuba sihlale sinombono ofanele ngensimu yethu? (Jona 4:11; Math 5:7)

  • Lokho uJona abhekana nakho kungasiduduza kanjani lapho sibhekene nezinkinga zempilo ezingamahlalakhona? (Jona 2:1, 2, 7, 9)

  • Yini oyifunde kule vidiyo ngokuphathelene nokubaluleka kokufunda iBhayibheli nokuzindla?