Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

INQABAYOKULINDA

Umbuzo: Ngokombono wakho, yisiphi isipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asiphe sona?

UmBhalo: Joh 3:16

Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda iqokomisa isizathu esenza uNkulunkulu wathumela uJesu emhlabeni ukuzosifela nendlela esingabonisa ngayo ukusazisa lesi sipho.

UYINI UMBUSO KANKULUNKULU?

Umbuzo: [Mbonise isembozo sepheshana.] Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? Ingabe uMbuso kaNkulunkulu uyinto ethile esenhliziyweni yakho? ufanekisela okuthile? unguhulumeni osezulwini?

UmBhalo: Dan 2:44; Isaya 9:6.

Okuzohanjiswa: Leli pheshana lichaza indlela uMbuso kaNkulunkulu ongakuzuzisa ngayo.

ISIMEMO SESIKHUMBUZO

Okuzohanjiswa: Simemela abantu esenzakalweni esibaluleke kakhulu. [Mnike isimemo.] Ngo-April 11, izigidi emhlabeni wonke zizohlangana ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu futhi zilalele inkulumo yeBhayibheli yamahhala ezochaza indlela ukufa kukaJesu okungasizuzisa ngayo. Lesi simemo sibonisa isikhathi nendawo lo mbuthano ozoba kuyo lapha endaweni yakithi. Singajabula ukuba nawe.

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.