Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 18-19

Qikelela Ukuba Ungakhubeki Futhi Ungabakhubi Nabanye

Qikelela Ukuba Ungakhubeki Futhi Ungabakhubi Nabanye

UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze abonise ukuthi ukukhubeka nokukhubekisa abanye kungaba nemiphumela emibi kangakanani.

18:6, 7

  • “Isikhubekiso” sisho isenzo noma izimo ezenza umuntu alandele inkambo engafanele, akhubeke, aziphathe kabi noma one

  • Kungaba ngcono ukuba umuntu okhubekisa abanye agaxwe itshe lokugaya entanyeni yakhe aphonswe olwandle

Itshe lokugaya

18:8, 9

  • UJesu weluleka abalandeli bakhe ukuba bakhiphe ngisho nento ebaluleke njengesandla noma iso uma kubakhubekisa

  • Kungangcono ukuyidela leyonto ebalulekile bese ungena eMbusweni kaNkulunkulu kunokuqhubeka unayo kodwa ugcine uphonswe eGehena, okufanekisela ukubhujiswa ngokuphelele

Ekuphileni kwami, yini engaba isikhubekiso, futhi yini engingayenza ukuze ngingakhubeki noma ngikhubekise abanye?