Dlulela kokuphakathi

Izinkulungwane Zifunda Ukufunda Nokubhala

Izinkulungwane Zifunda Ukufunda Nokubhala

Ngo-2011, oFakazi BakaJehova basiza abantu abangaphezu kuka-5 700 bakwazi ukufunda nokubhala.

EGhana:

Eminyakeni engu-25 edlule, sisize abangaphezu kuka-9 000 ukuba bafunde ukufunda nokubhala.

EZambia:

Kusukela ngo-2002, abantu abangaba ngu-12 000 bathuthukise amakhono abo okufunda nokubhala. U-Agnes oneminyaka engu-82 uthi, “Lapho saziswa ngamakilasi okufunda ukufunda nokubhala ebandleni, ngajabula kakhulu ngabhalisa. Ekilasini lokuqala, ngafunda ukubhala igama lami!”

EPeru:

Umfundi oneminyaka engu-55 ubudala wabhala: “Angikaze ngicabange ukuthi ngizokwazi ukufunda nokubhala ngoba abazali bami abazange bangiyise esikoleni.”

EMozambique:

Abevile ku-19 000 sebefunde ukufunda phakathi neminyaka engu-15 edlule. Umfundi ogama lakhe nguFelizarda wathi: “Kuyangijabulisa ukuthi sengiyakwazi ukufundela abanye imiBhalo. Kwakunzima ngaphambili.”

ESolomon Islands:

Ihhovisi legatsha liyabhala: “Esikhathini esedlule, abaningi abahlala emaphandleni babengayitholi imfundo yasezikoleni. Kanti ambalwa namantombazane ayefunda. Ngakho-ke, abantu abadala basizakele kakhulu kula makilasi okufundisa ukufunda nokubhala. Lapho sebephothulile, abaningi baba nokuzethemba okwengeziwe.”