Dlulela kokuphakathi

Ukuhumushela Olimini Lwezandla LwaseQuebec Kusiza Abantu Abaningi Abayizithulu

Ukuhumushela Olimini Lwezandla LwaseQuebec Kusiza Abantu Abaningi Abayizithulu

Empumalanga yeCanada endaweni okukhulunywa kuyo isiFulentshi, abantu abaningi abayizithulu basebenzisa uLimi Lwezandla LwaseQuebec (LSQ). a Ngenxa yokuthi bangu-6 000 kuphela abantu abayizithulu kuleyo ndawo, zimbalwa izinto ezitholakala ngolimi lwe-LSQ. Nokho, ukuze oFakazi BakaJehova basize abantu baqonde iBhayibheli, baye benza umzamo okhethekile wokwenza amavidiyo asezingeni eliphezulu olimi lwe-LSQ ukuba atholakale mahhala.

Ukuze uqonde ukuthi kungani lo mzamo wokuhumusha ubaluleke kangaka, cabanga ngendaba kaMarcel. Wazalelwa esifundazweni saseQuebec, eCanada, ngo-1941. Ngemva kweminyaka emibili waphathwa isifo sobuchopho (i-meningitis) wabe eseba isithulu. UMarcel uthi: “Lapho ngineminyaka engu-9, ngaqala ukufunda ulimi lwe-LSQ esikoleni sezithulu. Zazikhona izincwadi ezazifundisa izimpawu zolimi lwezandla, kodwa zazingekho ezinye izinto ezazenziwe ngalolu limi.”

Kungani kubalulekile ukwenza amavidiyo olimi lwe-LSQ? UMarcel uyaphendula: “Abantu abayizithulu bafisa ukuthola izinto ngolimi abaluqonda kahle kunokuzama ukufunda ngolimi abangaluqondi. Uma singenawo amavidiyo olimi lwe-LSQ, kudingeka sisebenzise izinto ezenzelwe abantu abakwazi ukukhuluma—kugcina sekukuningi okuseqayo!”

Ngo-2005, oFakazi BakaJehova bakhulula ividiyo yokuqala yolimi lwe-LSQ ukuze bakwazi ukusiza uMarcel nabanye abayizithulu abasebenzisa lolu limi lwezandla. Muva nje, bandise ihhovisi labo lokuhumusha eliseMontreal, eQuebec. Manje, sekunezisebenzi ezingu-7 ezisebenza lapho nsuku zonke nezingaphezu kuka-12 ezisiza ngezinsuku ezithile. Njengoba lezi zisebenzi zihlukaniswe zaba amaqembu amathathu abahumushi, zisebenzisa izindawo zokuqopha ezimbili ezinawo wonke amathuluzi, ukuze zenze amavidiyo olimi lwe-LSQ.

Abantu abasebenzisa ulimi lwe-LSQ bayakujabulela ukuthi oFakazi BakaJehova benza amavidiyo asezingeni eliphezulu. UStéphan Jacques, oyisekela lomqondisi we-Association des Sourds de l’Estrie b uthi: “Amavidiyo abo enziwe kahle kakhulu. Izimpawu abazisebenzisayo zicacile futhi yinhle nendlela abasebenzisa ngayo ubuso lapho bekhuluma. Kuyajabulisa nokuthi labo abakula mavidiyo bagqoka ngendlela ehloniphekile.”

INqabayokulinda, okuwumagazini osetshenziswa emihlanganweni yamasonto onke yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, manje isiyatholakala ngolimi lwe-LSQ. Lo magazini usetshenziswa oFakazi BakaJehova abangu-220 nabanye ababakhona emihlanganweni yabo ebasemabandleni nasemaqenjini angu-7 olimi lwe-LSQ, eQuebec. c Ngaphezu kwalokho, oFakazi bayaqhubeka befaka kuwebusayithi yabo amanye amavidiyo nezingoma ezikhuthazayo ezisekelwe eBhayibhelini ngolimi lwe-LSQ.

UMarcel, okukhulunywe ngaye, uyajabula ngokuthi sekunamavidiyo amaningi olimi lwe-LSQ. Uwathanda nakakhulu lawo enziwe oFakazi BakaJehova. Uthi: “Kuyisibusiso ukubona amavidiyo amaningi kangaka olimi lwe-LSQ ku-jw.org. Ngijabula nakakhulu lapho ngibona wonke lama vidiyo ngolimi lwami!”

a I-LSQ (ethathelwe emagameni esiFulentshi athi Langue des signes québécoise) iwulimi lwezandla oluhlukile, nakuba inezimpawu ezithile ezifana nezoLimi Lwezandla LwaseMelika olusetshenziswa kakhulu.

b Inhlangano esiza abantu abayizithulu eQuebec.

c INqabayokulinda yokuqala efundwayo yazinyanga zonke yolimi lwe-LSQ kwakungekaJanuwari 2017.