IZINDABA

ERussia

IsiZulu
ERussia
/assets/ct/b4d7e1101e/images/syn_placeholder_sqr.png

ERussia

 

2016-10-17

ERUSSIA

INkantolo Ephakeme YaseRussia Izolalela Icala Lokuvalwa Kwe-LRO Yase-Abinsk

Ingabe iNkantolo izowahlonipha amalungelo enkululeko yoFakazi engokwenkolo futhi ahlehlise isinqumo sokuvala inhlangano yabo (LRO) e-Abinsk, eRussia?

2015-07-30

ERUSSIA

IRussia Ivala I-JW.ORG, Ingosi Engokomthetho YoFakazi BakaJehova

Iziphathimandla zikwenze icala, zakubiza ngomsebenzi owukweqisa, ukuvula noma ukugqugquzela i-jw.org eRussia. Lokhu kwenza lingabe lisatholakala iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.

2016-09-14

ERUSSIA

UFakazi WaseRussia Uthola Ama-euro Angu-6 000 Bese Ewabuyisela Kumnikazi Wawo

USvetlana Nemchinova, omunye woFakazi BakaJehova, wenza imizamo emikhulu ukuze athole umnikazi wesizumbulu semali owayesilahle nodoti ngephutha.

2015-07-02

ERUSSIA

INkantolo Ephakeme YaseRussia Ivale Inhlangano Engokomthetho YoFakazi ESamara—Yini Ezolandela?

Isinqumo seNkantolo Ephakeme sibeka engcupheni inkululeko yoFakazi BakaJehova abangaba ngu-180 000 eRussia. Iziphathimandla zingase zisebenzise lesi sinqumo ukuze zishushise oFakazi.

2015-01-08

ERUSSIA

Icala Elidluliselwe ENkantolo Yesifunda YaseRostov—Ingabe INkantolo Izobakhipha Phambili Noma Izobagweba OFakazi BakaJehova?

Ngo-December 11, 2014, iNkantolo izolalela icala elidluliselwe kuyo oFakazi abangu-16 eTaganrog, eRussia. Babekwe amacala obugebengu okuthiwa awomsebenzi oyingozi.

2015-03-12

ERUSSIA

INkantolo Ephakeme YaseRussia Izoqala Kabusha Ukuqula Icala Lokuvala Inhlangano Yenkolo ESamara

Ngo-November 12, 2014, iNkantolo Ephakeme yaseRussia izoqala kabusha ukuqula icala lokuvala inhlangano yenkolo e-Russia.

2015-07-02

ERUSSIA

OFakazi Bafaka Isikhalo ENkantolo Ephakeme YaseRussia Mayelana Nokuvalwa Kwenhlangano Yabo Engokomthetho ESamara

INkantolo Ephakeme izolalela isikhalo soFakazi BakaJehova baseSamara sokuba kuguqulwe isinqumo sokuvalwa kweNhlangano yabo Yenkolo Engokomthetho (LRO) nokubizwa kwayo ngokuthi iyingozi.

2014-09-17

ERUSSIA

INkantolo YaseTaganrog Ibeka OFakazi BakaJehova Icala Ngenxa Yemisebenzi Yabo Yenkolo

Lokhu kubekwa icala kuzoyibeka engozini inkululeko engokwenkolo yoFakazi BakaJehova abangu-160 000 eRussia.

2014-09-17

ERUSSIA

OFakazi BakaJehova Baquliswa Icala ETaganrog

Inkululeko engokwenkolo eRussia isengozini. Lalela lokho okushiwo abanye boFakazi abamangalelwe abangu-16 nabameli babo.

2014-09-17

ERUSSIA

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Ivikela Ilungelo LoFakazi BakaJehova BaseRussia Lokuhlangana Ukuze Bakhulekele

I-ECHR iphinde yabeka iRussia icala lokuthi yephula amalungelo oFakazi BakaJehova, kuhlanganise nelungelo labo lokukhulekela ngaphandle kwesiphazamiso.

2014-07-03

ERUSSIA

Ukumangalelwa KoFakazi BakaJehova Kuyaqhubeka ETaganrog, ERussia

Izakhazamuzi ezi-16 zimangalelwe ngokuba ‘izephula-mthetho’ ngenxa yokholo lwazo. Uma ziboshwa inkululeko engokwenkolo iyobe isongelwa kulo lonke elaseRussia.