ERussia
INkantolo Ephakeme YaseRussia Izolalela Icala Lokuvalwa Kwe-LRO Yase-Abinsk
Ingabe iNkantolo izowahlonipha amalungelo enkululeko yoFakazi engokwenkolo futhi ahlehlise isinqumo sokuvala inhlangano yabo (LRO) e-Abinsk, eRussia?
IRussia Ivala I-JW.ORG, Ingosi Engokomthetho YoFakazi BakaJehova
Iziphathimandla zikwenze icala, zakubiza ngomsebenzi owukweqisa, ukuvula noma ukugqugquzela i-jw.org eRussia. Lokhu kwenza lingabe lisatholakala iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.
UFakazi WaseRussia Uthola Ama-euro Angu-6 000 Bese Ewabuyisela Kumnikazi Wawo
USvetlana Nemchinova, omunye woFakazi BakaJehova, wenza imizamo emikhulu ukuze athole umnikazi wesizumbulu semali owayesilahle nodoti ngephutha.
INkantolo Ephakeme YaseRussia Ivale Inhlangano Engokomthetho YoFakazi ESamara—Yini Ezolandela?
Isinqumo seNkantolo Ephakeme sibeka engcupheni inkululeko yoFakazi BakaJehova abangaba ngu-180 000 eRussia. Iziphathimandla zingase zisebenzise lesi sinqumo ukuze zishushise oFakazi.
Icala Elidluliselwe ENkantolo Yesifunda YaseRostov—Ingabe INkantolo Izobakhipha Phambili Noma Izobagweba OFakazi BakaJehova?
Ngo-December 11, 2014, iNkantolo izolalela icala elidluliselwe kuyo oFakazi abangu-16 eTaganrog, eRussia. Babekwe amacala obugebengu okuthiwa awomsebenzi oyingozi.
INkantolo Ephakeme YaseRussia Izoqala Kabusha Ukuqula Icala Lokuvala Inhlangano Yenkolo ESamara
Ngo-November 12, 2014, iNkantolo Ephakeme yaseRussia izoqala kabusha ukuqula icala lokuvala inhlangano yenkolo e-Russia.
OFakazi Bafaka Isikhalo ENkantolo Ephakeme YaseRussia Mayelana Nokuvalwa Kwenhlangano Yabo Engokomthetho ESamara
INkantolo Ephakeme izolalela isikhalo soFakazi BakaJehova baseSamara sokuba kuguqulwe isinqumo sokuvalwa kweNhlangano yabo Yenkolo Engokomthetho (LRO) nokubizwa kwayo ngokuthi iyingozi.
INkantolo YaseTaganrog Ibeka OFakazi BakaJehova Icala Ngenxa Yemisebenzi Yabo Yenkolo
Lokhu kubekwa icala kuzoyibeka engozini inkululeko engokwenkolo yoFakazi BakaJehova abangu-160 000 eRussia.
OFakazi BakaJehova Baquliswa Icala ETaganrog
Inkululeko engokwenkolo eRussia isengozini. Lalela lokho okushiwo abanye boFakazi abamangalelwe abangu-16 nabameli babo.
INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Ivikela Ilungelo LoFakazi BakaJehova BaseRussia Lokuhlangana Ukuze Bakhulekele
I-ECHR iphinde yabeka iRussia icala lokuthi yephula amalungelo oFakazi BakaJehova, kuhlanganise nelungelo labo lokukhulekela ngaphandle kwesiphazamiso.
Ukumangalelwa KoFakazi BakaJehova Kuyaqhubeka ETaganrog, ERussia
Izakhazamuzi ezi-16 zimangalelwe ngokuba ‘izephula-mthetho’ ngenxa yokholo lwazo. Uma ziboshwa inkululeko engokwenkolo iyobe isongelwa kulo lonke elaseRussia.

