ERussia
Masingalwesabi Ushushiso
Phakathi nomhlangano waminyaka yonke ka-2019, uMfowethu uMark Sanderson weNdikimba Ebusayo wethula inkulumo enesihloko esithi “Yini Okumelwe Siyesabe?” Inkulumo yakhe yayinalesi siqephu sevidiyo esibonisa abanye babafowethu nodadewethu abaye bashushiswa eRussia.
Abafowethu Abasejele Lase-Orenburg Babonise Ukholo Oluqinile Lapho Beshaywa
Le vidiyo inengxoxo nabafowethu baseSaratov, eRussia, ababoshwa ngokungafanele base begwetshwa ngenxa yokholo lwabo. Ngesikhathi beboshiwe e-Orenburg, onogada babashaya ngezinduku. Ukwencika kuJehova ngomthandazo kubasizile abafowethu ukuba bakhuthazele ngobuso obungenamahloni, benokuthula nenjabulo.
Ingxoxo NoMfoweth’ UDmitriy Mikhaylov
UMfoweth’ uMikhaylov waboshwa ngoMeyi 29, 2018. Kwaphela izinyanga esesitokisini. Kule ngxoxo, ulandisa indlela uJehova kanye nomkakhe, abamsiza ngayo wakhuthazela. Uchaza nendlela ukuxoxa nezinye iziboshwa ngamaqiniso eBhayibheli okwamsiza ngayo waqhubeka enokuthula futhi ejabula.

