Izindaba Ezinhle NgokukaJesu

Funda okwengeziwe ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu noMsindisi wesintu, kule drama ejabulisayo eyiziqephu.

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu​—Okuqukethwe Yilolu Chungechunge

Bona amaVangeli enziwe aphila ngala mavidiyo ajabulisayo akhuluma ngoJesu Kristu.

Isiqephu 1: Ukukhanya Kweqiniso Kwezwe

Isintu siyosindiswa kanjani esonweni esalethwa u-Adamu? UMesiya ungukuphela kwethemba lesintu.

Isiqephu 2: “Lo YiNdodana Yami”

UJohane uMbhapathizi ulungisela uMesiya indlela. Bona izenzakalo ezimangalisayo ezibonisa ukuqala kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni!

Isiqephu 3: “Nginguye”

UJesu uveza indima yakhe njengoMesiya kuNikhodemu, kowesifazane ongumSamariya nakubantu basedolobheni laseNazaretha kodwa wamukelwa abantu abanezinhliziyo ezinhle kuphela. Ngemva kokwenza isimangaliso esishintsha ukuphila, wamema abadobi abathobekile ukuba bamlandele.

Isiqephu 4: “Ngizele Lokho”

UJesu wabonisa amandla akhe okwelapha abantu nokuxosha amademoni. Kodwa abanye babemphikisa futhi bamakhela uzungu lokumbulala. Ngokubonisa kwakhe isihe esikhulu nendlela yakhe yokufundisa, uJesu wenza abafundi futhi wakhetha abaphostoli abangu-12.

Isiqephu 5: “Zakhexa Ngenxa Yendlela Ayefundisa Ngayo”

Ngemva kokwelapha isixuku esikhulu, uJesu waqala ukufundisa abantu ngendlela abangakaze bafundiswe ngayo ngaphambili. Labashiya bekhexile igunya lakhe, imifanekiso yakhe nezifundo ezisebenza nsuku zonke.

Isiqephu 6: “Ingabe Wena UnguYe Ozayo?”

UJesu ubonisa amandla akhe okuvusa abafile. Imisebenzi yakhe eyisimangaliso nezimfundiso zakhe ezihlakaniphile kuveza izisusa zalabo abamlalele. Esebenzisa imifanekiso, uJesu uchaza izinto eziphathelene noMbuso.

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu—Amazwibela Ochungechunge Lwamavidiyo

Bona amazwibela ale drama ejabulisayo eyenza amaVangeli abe ngokoqobo.