Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kunomuntu Obangela Bonke Ububi Obukhona?

Ingabe Kunomuntu Obangela Bonke Ububi Obukhona?

Ingabe Kunomuntu Obangela Bonke Ububi Obukhona?

“NGAMBONA ngawo womabili udeveli.” Lawa amazwi ashiwo umkhuzi webutho leZizwe Ezihlangane eRwanda lapho ecabanga ngokwehluleka kwabo ukunqanda ukuqothulwa kwesizwe kulelo zwe ngo-1994. Ikhuluma ngalobo bulwane obungakholeki, enye ingqapheli yathi: “Uma ekhona umuntu osaphika ukuthi uSathane ukhona, makaye ethuneni elikhulu okwangcwatshwa kulo ingqwaba yabantu eRwanda.” Ingabe ngempela izenzo zobudlova ezifana nalezi zibangelwa uDeveli?

Iningi labantu alibheki ubudlova obenziwa ngamabomu nonya njengezenzo ezibangelwa isidalwa somoya esibi esingabonakali. Abaningi bacabanga ukuthi lezi zenzo zibangelwa nje ukuthi abantu babi nokuthi siyizidalwa ezinobulwane. Abanye bathi sekungamashumi eminyaka iqembu labantu abacebile nabanamandla, inhlangano yomshoshaphansi, lixhaphaza abantu ukuze lilawule umhlaba. Kukhona nalabo abagxeka ohulumeni nababusi ngokuthi yibona ababangela konke ukungabi nabulungisa nokuhlupheka abakubonayo.

Yini wena oyikholelwayo? Kungani ububi, unya, izenzo zobudlova nokuhlupheka kuthé chithi saka kangaka emhlabeni wonke namuhla naphezu kwemizamo yokukunqanda? Kungani kubonakala sengathi abantu bathi azilime ziye etsheni, bezishaya indiva izixwayiso eziphindaphindiwe? Ingabe ukhona obangela konke lokhu? Ubani ngempela obusa izwe? Impendulo ingase ikumangaze.